Kusolwa olombango wobukhosi ngokukhandwa kwenduna ngamatshe

467

PHUMLANI GAMA

KUBANJWE umoya ngempilo yenduna yaseMboza, KwaMhlabuyalingana eshaywe yalinyazwa ngabathile esigamekweni okusolwa kusona umbango wesihlalo sobukhosi bakwaGumede, kwaMashabane. 

Umbango wesihlalo uphakathi kweNkosi uSizabantu Gumede (97) (esesithombeni) nendodana yayo, uMnu Sipho Gumede (48). 

Kuthiwa ukuqubuka kwalo mbango kwehlukanise phakathi amalungu omphakathi ngezinhlelo zokuphakanyiswa
kwezinduna. 

Lesi sizwe sinezigodi eziwu-18, kanti iningi lazo liphethwe yizinduna ezingaphezu kweyodwa. 

NgoLwesithathu bekunomhlangano womphakathi emahhovisi oMnyango wezeNhlalakahle, okuyilapho khona kuqububuke khona umsindo, kwagcina sekulimala induna, uMnu John Mlambo. 

Kubikwa ukuthi lo mhlangano ububizwe yikhansela lendawo, uMnu Thabani Gwala ngenhloso yokuyobhunga ngezinhlelo zentuthuko. 

Ukuphambana kwemibono kuholele ekutheni kugcine sekumenyezwa namagama
ababili abasembangweni wobuduna kule ndawo. 

Ngokusho komthombo obukhona endaweni yesigameko, induna eshayiwe yiyona edinwe yavala umnyango okungenwa kuwona kula mahhovisi. 

“Ukuvala kwakhe umnyango kube wukuthi usegadlile ngoba izinsizwa zendawo zivele
zanxusa ukuba abesifazane baphumele ngaphandle. 

“Kube sekubanjwana ngamawashingi, kwagcina sekungenelele onogada
behhovisi. 

“Kuthe sebengaphandle abantu, sabona kusuka uthuli kanti sekushaywa induna
esohlangothini lwendodana yenkosi. Ishayeke ezindaweni ezibucayi,” kusho umthombo. 

ILANGALempelasonto lixhumane noMnu Sifile Gumede, ongundunankulu wendodana yenkosi, oveze ukuthi sishubile isimo esizweni sakwaMashabane. 

“Ngifikile endaweni yesigameko. Ngithole induna yenkosi ilele phansi, isimo sayo sibucayi kakhulu. 

“Ngiyiphuthumise esibhedlela eManguzi, bayedlulisela eNgwelezane. 

“Laba bantu bakhombise ukungabinawo unembeza beshaya induna ngezinduku, babuye bayikhanda ngamatshe,” kusho uMnu Gumede. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uRobert Neshiunda, usiqinisekisile
lesi sigameko, wathi amaphoyisa avule icala lokushaya. Uthe bekungakaboshwa muntu.

Previous articleUHunt ukhala ngokuhlukumezeka kwabadlali bakhe
Next articleLubuyela enkantolo olombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu