MTHOBISI SITHOLE
KUSOLWA owayengumfundi wase-Xolophambili High School,
eHammarsdale, ngesigameko sokubhunqisa ngomlilo lesi sikole ngoMgqibelo ngoba ethi waxoshwa kusona nyakenye.
Kuthiwa kuze kuba kasishi siphele, kusize umphakathi ophume ngothi lwawo wayobhula, izicishamlilo zafika usukhathulile.
ILANGA lithole ukuthi lona wesilisa esiligodlile igama lakhe udalulwe ngabanye abangani bakhe komakhelwane bakulesi sikole, bathi batshelwe nguyena ngqo ukuthi nguye osishisile.
Umthombo we-LANGA uthi laba besilisa bathi kabesabi nokuphumela obala ngoba bazibonele ngesikhathi kwenzeka lokhu, nokuthi kungenwe kanjani ngaphakathi esikoleni kokhelwa umlilo kwaze kwahlanganiswa namakhemikhali.
“Kakwaziwa ukuthi kungani lo mfana ecekele phansi ikusasa lezingane ngoba wayefunda naye, kodwa wanquma ukuyeka esikoleni, kayikho ingxabano eyaziwayo.
“Umngani wakhe uthi ubathathile wathi ufuna ukuyobakhombisa ukuthi usesingqongqise kanjani isikole,” kusho umthombo.
UMnu Nhlanhla Ntshingila, onguthishanhloko wasoXolophambili, ebuzwa yiLANGA ngalolu daba, uthe lona wesilisa osolwayo akazange axoshwe esikoleni, kodwa nguyena owazicelela incwadi yokudluliselwa kwesinye isikole ngenxa yamacala ayebhekene nawo.
Kuthiwa wayesezwile ukuthi amaphoyisa ayamfuna ngoba aseyazi lapho efunda khona.
“Besilokhu simbona ezulazula eduze kwesikole, kodwa kungekho esikusolayo. Uma sengizwa igama lakhe njengomsolwa owenze lokhu, kuyangethusa kakhulu ngoba kayikho impi esiyaziyo ephakathi kwakhe nesikole. Akaxoshwanga, wazihambela, ngeshwa-ke wangamukelwa kwezinye izikole,” kusho uMnu Ntshingila.
Uthi bahlukumezekile ngalesi sigameko ngoba kunenyanga eyodwa silungiswe wumnyango wezemfundo emuva kweminyaka ewu-20 bencenga ukuba silungiswe.
Utshele leli phephandaba ukuthi namhlanje ngoMsombuluko kuhlelwe umhlangano wabazali wokubonisana ngalolu daba.
“Kangizange ngikholwe ngesikhathi ngithola ucingo oluthi mangiphuthume, konakele esikoleni,” kusho uMnu Ntshingila.
Uthi kushiswe amakilasi amabili, ihhovisi lesekela likathishanhloko, negumbi eligcina imininingwane ebalulekile yesikole.
Imizamo yokuthola ilungu lesigungu esilawula isikole, uNkz Gugu Shozi, ayiphumelelanga, ucingo lwakhe belungangeni.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi bayakugxeka ukushiswa kwendawo eyigugu lomphakathi neyakha isizwe.
Uthi banxusa umthetho ukuba wenze okufanele.
Imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, kayiphumelelanga. Ushayelwe ucingo, wathunyelelwa ubhalonyazi (e-mail), wathunyelelwa nomqhafazo, kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba engaphendulanga.