Kusolwa umbango wepolitiki ngokuvinjwa kukathishanhloko osekuphazamise ukufunda

172

MTHOBISI SITHOLE

KUKHONJWA umbango wezepolitiki ngesikole sasoNdini, iKwaMame Primary School, okubikwa ukuthi sekunamasonto amabili abafundi behleli emakhaya ngenxa yokuvinjwa kukathishanhloko omusha ukuba aqale emsebenzini. 

Ngokuthola kweLANGA, kunamadoda angamalungu omphakathi okuthiwa avuka njalo ayoqhinqa emasangweni esikole, avimbe ukufunda nokufundisa. 

Kuvela ukuthi kawafuni uthishanhloko asebenze, amsola ngokuthi uyilungu le-ANC, kanti obephethe phambilini –  osethathe umhlalaphansi – kuthiwa ubeyilu-ngu le-IFP. 

Usihlalo wenhlangano yezakhamizi zaseZululand, uMnu Phohloza Zungu, uthe kubakhathaza kakhulu okwenzeka kulesi sikole. “Sifuna uhulumeni uthathe isinqumo ngalesi sikole, okungcono sivalwe, izingane zithuthwe ziyofunda kwezinye izindawo. Kuyaxaka ukuthi umphakathi uhlangana kanjani nokuqashwa kukathishanhloko, ngoba lo muntu uphumelele ohlelweni lokuhlunga ozophatha isikole. Akukho okubikwa ukuthi kakwenzekanga ngendlela efanele,” kusho uZungu.

ILANGA lithole ukuthi nangesikhathi eyokwethulwa ngokusemthethweni uthishanhloko, bekugade amaphoyisa ngoba besekuzwakele ukuthi umphakathi kawumfuni. 

UZungu uthe sebebhalele uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer ukuba angenelele. 

Iphunzile imizamo yokuthola uvo lwesigungu esilawula isikole.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe kuzophenywa okwenzeka kulesi sikole.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKwehlukene imibono ngomfaniswano wesikole “ongabheki” ubulili
Next articleSesilinde ipeni likamengameli lisikhulule ngentshokovane