Kusolwa umbango wesikhundla ngokubulawa kukandunankulu wesizwe

221

MTHOBISI SITHOLE

KUSOLWA umbango wesikhundla sngokudutshulwa kubulawe undunankulu omusha wesiZwe sakwaSithole, eQhudeni, eNkandla, okuthiwa ulalelwe unyendle ngabantu abangaziwa ngoLwesine.

Kuthiwa uMnu Khulekani Hadebe waseMabiza, eNquthu, ubulawa nje, ubephambili ekuxazululweni kwezinkinga zokubulawa kwabantu esizweni. Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa uHadebe nguyena obebambisene nenkosi entsha kule ndawo ekuxazululeni ukudutshulwa kwabantu ababalelwa ku-10 KwaNgqulu, eQhudeni, kusukela kuMfumfu (October) nyakenye kuya ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

Kuvela ukuthi inkosi imkhuphulele esikhundleni sobundunankulu emasontweni amabili adlule ngenxa yeqhaza lakhe. Ilungu lomndeni uMnu Sicelo Hadebe, litshele ILANGA ukuthi basashaqekile ngokwenzekile. Lithi kazikho izitha abazaziyo ebezisongela umfowabo futhi nombango wesikhundla sobundunankulu akawazi. 

INkosi Ashwell Sithole, ithe: “Isibhamu sisalokhu sivimbezele esizweni kanti besisabonga ukuthi ukufika kukangqongqoshe uBheki Cele (esaphethe emaphoyiseni), kuwenzile umehluko empini yokufa kwabantu baNwaNgqulu njengoba kuke kwathuleka.” 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiwe Ngcobo, uthe kuvulwe icala eBabanango ngokubulawa komuntu, bekungakaboshwa muntu.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleLiyadlondlobala ibhizinisi lowesifazane oliqale emuva kokuphelelwa wumsebenzi
Next articleINanda yindawo yamaqhawe nomlando