Kuthiwa itshele abantu ukuthi ulimale ebuya emcimbini
SKHOSIPHI MTHEMBU
SISHIYE umndeni wakwaMakhanya KwaNdaya, eSikhaleni, eMpangeni, ukhungathekile isigameko sokugwazwa kubulawe ilungu lawo ngoMsombuluko, okusolwa intombi yalo, okuthiwa ilibulale kubangwa isoseji. ILANGA lithole ukuthi uMnu Nkosinathi Makhanya (39) ugwazwe nguNkz Nondumiso Ntuli (34) entathakusa yangoMsombuluko emuva kwengxabano okuthiwa iqubuke ngoba ethathe isoseji efrijini.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeke eKing DiniZulu, eShowe, lapho umufi ebeqashe khona. Ngokuthola kwaleli phephandaba,
umufi noNkz Ntuli bebehlala ngokuxabana, okugcine kuholela ekutheni uMnu Makhanya aphume aqashe indlu yakhe khona endaweni. Yize besebehlala ngokuhlukana, kodwa kuthiwa bebesathandana njengoba umufi ubesaqhubeka nokuthenga igilosa ayifake endlini kaNkz Ntuli. Okhulumela umndeni, uthi akubathusanga okwenziwe nguNkz Ntuli njengoba eveze ukuthi vele naphambilini wake wamsongela uMnu Makhanya ngokuthi uzombulala.
Utshele ILANGA ukuthi ngaphambi kokuba uMnu Makhanya abulawe, uke wafika kuyena elimele kanzima ekhanda, eshaywe yisona isinqandamathe sakhe. “NgoMsombuluko entathakusa, ngivuswe yiviyo labantu ebelihamba nentombi kamufi, ingitshele ukuthi (uMnu Makhanya ) ulimele ugwazwe ebuya emcimbini. Ngihambe nabo ngiya endlini yakhe. “Kuthe uma sesifika endaweni yesigameko, kwavela ukuthi empeleni inamanga, yiyona emgwazile emuva kwengxabano.
Ngisho omakhelwane babo bafakazile emaphoyiseni ukuthi babazwile bexabana, imsongela ngokuthi izomgwaza. “Uma ngizwa, kuthiwa uMnu Makhanya uye endlini yayo le ntombazane wathatha isoseji. Imlandelile ibuza ukuthi ulithathelani. Kulapho kuqubuke khona ingxabano eholele ekutheni imgwaze,” kusho okhulumela umndeni. Uthi kuyiwe endlini abulawelwe kuyona, bathola ukuthi kunegazi. “UMnu Makhanya ubesaqhubeka nokuthenga izimpahla azifake endlini yale ntombazane.
Bekuthi uma sesikuyona avele ashintshe, ngingazi ukuthi yini lena ebimenza yona ebeyenza ukuthi ayisabe ngale ndlela. Sibuhlungu ngento eyenziwe yile ntombazane. Kuyacaca ukuthi ukube abantu kabezwanga, besizokholwa yilokhu ebikusho,” kusho yena. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuboshwe owesifazane oneminyaka ewu-34 ngecala lokubulala kanti uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNkanyezini. Uthe umsolwa kulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngoLwesibili.