PHUMLANI GAMA
KUSOLWA umbango wokuthengiswa kwezidakamizwa njengembangela yokudutshulwa kubulawe abesilisa abawu-5 edolobheni iRichards Bay namuhla ngoLwesibili ekuseni. Ngokusho kwabazibonele, kufike ababulali abebehamba ngeVW Polo eluhlaza, bavulela ngezulu lezandla bebhekise kubafi. Abane bashonele endaweni yesigameko, oyedwa washonela emtholampilo wendawo. Ngokusho komthombo okule ndawo, kunombango wokuthengiswa kwezidakamizwa. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Robert Netshiunda, uthe kayaziwa imbangela yesigameko, kodwa sihlobene nokuthengiswa kwezidakamizwa.
“Amaphoyisa asezithendeni zababulali emuva kokuba kudutshulwe abantu abawu-5. Abasolwa baqede ukugila lo mkhuba, babaleka ngemoto abafike ngayo. Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi ukuba axhumane nawo,” kusho uNetshiunda.
Abaholi bezinhlaka ezahlukene, okubalwa noMasipala waseMhlathuze, bayile endaweni yesigameko. IMeya yaseMhlathuze, uMnu Xolani Ngwezi, ithe okubi wukuthi lesi sigameko senzeke ngemuva kwemizamo eminingi yamaphoyisa yokulwa nokudutshulwa kwabantu ezindaweni ezahlukene kulo masipala. “Sikhathazekile ngalesi sigameko, ngoba siveza kabi indawo nedolobha lethu. Sinxusa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ukuba axhumane namaphoyisa ukuze kuzoboshwa abenzi bobubi,” kusho uMnu Ngwezi.