Kusolwa umbango wezinkomo ngokubulawa kwabantu eNkandla

330

SKHOSIPHI MTHEMBU 

KUSOLWA umbango wezinkomo ngokudutshulwa kubulawe abanumzane bemizi, okudla lubi eVove, eMthinemide, eNkandla. Kubikwa ukuthi bawu-13 abantu asebebulewe ngendlela efanayo kulesi sigodi kusukela ngo-2022.

Esigamekweni sakamuva kudutshulwe kwabulawa inkosikazi yenduna, uNkk Thulisiwe Dlamini, isegcekeni lakwayo ebusuku. 

Asebebulwe nguMnu Qondani Xulu, uNkk Dlamini, uMnu Gundane Sithole, uMnu Mhlabu-nzima Ximba, uMnu Khulekani Cebekhulu, uMnu Msawenkosi Sithole, uMnu Thembinkosi Mlangeni, uMnu Langelihle Sithole, uMnu Phangisane Khenyeza, uMnu Muntukatshelwa Sithole, uMnu Sfiso Mchunu, ukukha phezulu. 

Bonke laba kubikwa ukuthi iningi labo lihlaselwa emizini yalo. Esigamekweni sokubulawa kukaNkk DLamini, umyeni wakhe, uMnu Maphuphu Dlamini, uthe namanje usadidekile ukuthi inkosikazi yakhe ibiyenzeni.

Umthombo weLANGA okuleya ndawo, ulihlebele ukuthi ukubulawa kwabantu endaweni kuqale ngamasela ezinkomo, kwagcina sekukapakele kwabanye abantu abangahlangene nobusela bemfuyo. Uthe inkinga wukuthi uma umuntu eke wakhuluma noma wakhombisa ukufuna ukwelekelela amaphoyisa, uyabulawa. “Le nto yaqala ngokuxabana kwamasela ezinkomo eminyakeni edlule. Aqale ukubulalana wodwa, indaba yagcina isingenwa ngamadodana. Uma kuke kwabizwa umhlangano, noma induna ike yabiza abantu kuyodingidwa lolu daba, abakhulumayo bayabulawa. Inkosikazi yenduna kunezinsolo zokuthi abayibulele bebehlose yona (induna) njengomuntu ojwayele ukungenelela uma kunezinxushunxushu okubalwa kuzona lezi zokubulawa kwabantu,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe akhona amacala okubulala avuliwe, wathi uma kukhona abangaba nolwazi olungasiza amaphoyisa, bacelwa ukuba bashayele ku: 086 001 0111.

Previous articleOkwenzeke kuRebecca kwenze oweJoyous “wakhipha izifundo zamahhala” ngesiteji
Next articleIsifiso sebhokisa “ebeselinuka iqaqa” ngophromotha olitakulile