Kusolwa “umbulali” ngokudukisa umkhondo ngengane etholwe emgodini wethoyilethi

171

NONHLAKANIPHO SHINGA

USOLA “umbulali” ngokudukisa umkhondo umndeni wakwaLamula, KwaSibunjana, oNdini emuva kokutholakala kwesidumbu sendodana yawo,  uLisulenkosi Lamula (2), emgodini wethoyilethi lezihlobo zawo zakwaRadebe ngoLwesihlanu, lapho bekulungiselelwa khona umcimbi obungempelasonto. 

Lo mndeni uthi ugcine ukubona ingane ngoLwesihlanu ntambama, iphuma ngesango ilandela unina omdala obeya kwamakhelwane – kanti akanakile ukuthi iyamlandela. “Unina wengane uthe uma elunguza, wabona ingane ilandela udadewabo wanganaka, wazitshela ukuthi bahamba bobabili, wabuyela endlini, waqhubeka nabekwenza. Uthi kakuphelanga isikhathi esingakanani wabuya udadewabo, wambuza ukuthi uLisu usalephi, wathi akazange ayibone ingane,” kusho uMnu Sibongiseni Lamula, onguninalume wengane. 

Uthi kuhlatshwe umkhosi, yabhekwa ingane, ngisho nasemgodini wethoyilethi – okugcine kutholakala kuwo isidumbu – kodwa lutho. “Sihambe sayobika emaphoyiseni, asitshela ukuthi  masilinde kuphele amahora awu-24, ngaphambi kokuba asilekelele. NgoMgqibelo, sivuke saphuma inqina sithungatha ingane. Lize layoshona singawutholi mkhondo,” esho. 

Uthi bathuke boma ngeSonto ekuseni, bethola umbiko obuvela kwaRadebe, bethi sebethole isidumbu sengane emgodini wethoyilethi abayibhekile kulona kuwona. “Okusenza simangale wukuthi kubhekwe kaningi emgodini wethoyilethi kungekho lutho, kodwa manje sekutholakala ingane. Siyasola ukuthi ngumuntu oyibulele oyilahle laphayana edukisa umkhondo,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa asazophenya ngokuholele ekutheni kushone lo mfayana.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleSivele enkantolo isisebenzi saseDUT kwelokunukubeza isitshudeni (19)
Next articleBafisa isabalale nakwezinye izifundazwe iNgoma kaZwelonke