Kusolwa umelusi ngokufa kwamalungu omndeni obumqashile

311

PHUMLANI GAMA

KUSOLWA owesilisa waseLesotho obeqashelwe ukwenza imisebenzi yasekhaya – okubalwa kuyo nokwelusa – ngokubulawa kwamalungu omndeni wakwaXimba, eNgogo, eNewcastle, izidumbu zawo ezitholwe ngumfanyana wakwamakhelwane obeyovalela imfuyo ngoLwesihlanu. Kubikwa ukuthi isidumbu sikaNkk Phumzile Ximba, uMaHlongwane, esikaNkz Nomthandazo Ximba nesengane obinezinyanga eziwu-9 ubudala, uNhlanzeko Ximba, zitholwe zinamanxeba okugwazwa.  

Ilungu lomphakathi elingumakhelwane wabafi, litshele ILANGA  ukuthi kunezinsolo eziqinile ezibhekiswe kowesilisa obesanda kufika kulo mndeni, eqashelwe ukwenza imisebenzi yakhona. 

Ngokusho kukaMnu Mlamuli Mhlongo ongumakhelwane wezisulu, izidumbu zabafi zitholakale zinamaxeba, okusolwa ukuthi bebegwazwa ngento ecijile (screwdriver). “Okukhathazayo kube wukunyamalala kowesilisa obesanda kuhlala nalo mndeni ngoba eqashelwe ukwenza imisebenzi yasekhaya lawo. Sizwa kuthiwa lo mlisa ungowokudabuka eLesotho.

“Singomakhelwane sifisa ukuthi amaphoyisa enze uphenyo olunzulu ngoba kusengenzeka ukuthi abanye bethu emphakathini umunwe bawukhomba kulona wesilisa kanti naye usenkingeni lapho ekhona. Umama obulewe ubengumfuyi endaweni.  Umuzi abahlala kuwona bawuthenga kowesilisa owayengumlimi lapha endaweni,” kusho uMhlongo othe kudlangile ukubulawa kwabantu kule ndawo, ikakhulukazi abalimi abamhlophe.

Okhulumela amaphoyisa uConst Thenjiswa Ngcobo, akatholakalanga ukuphawula kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

Previous articleBagwetshwe kanzima abebengamulungu ePhalamende laseSwazini abebelwela inkululeko
Next articleAbefundisi baphume ngesamagundane emngcwabeni womculi we-gospel