Kusolwa “umgwazo” kuhoxiswa icala

1083

Usekubhaceni owesifazane kuphuma isoka “elamshaya kwaphuma isisu”

NOMFUNDO NGWANE

UNKZ Smangele Gumede osekubhaceni emuva kokuhoxiswa kwecala lokuhlukumeza abelivulele isoka lakhe. Lapha uthathwe nezibazi athi ezokushaywa yisoka lakhe. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

UBHODLA umlilo owesifazane waseMlazi, esigcemeni sakwa-A, ngesenzo sephoyisa lasesiteshini saseGG kuleli lokishi, alisola ngokudizelwa ngokuthile ukuze kuphele icala abelivulele isoka lakhe azwakalise ukuthi lamshaya waphuphunyelwa yisisu besakipitile.

UNkz Smangele Gumede (29), okumanje usekubhaceni, ubalekela leli soka lakhe, uthi simhlukumeze kakhulu isenzo sephoyisa sokwesula icala abelivulele isoka. 

Uthi ngaphambi kokuba icala lihoxiswe enkantolo, uqale wafonelwa ngumphenyi walo, ILANGA elinalo igama lakhe, emcela ukuba ahoxise icala, isoka lakhe lizimisele ngokumkhokhela imali ukuxolisa.

“Bengilindele ukuthi icala lingene ngomhla ka-30 kuNdasa (March) enkantolo yaseMlazi. Ngethuke ngacishe ngashayeka phansi uma ngifika enkantolo ngalolu suku ngithola ukuthi icala ebengilivulele isoka lami selihoxiswe ngingazi nokuthi lihoxiselweni,” kusho uNkz Gumede.

Uthi ngayizolo (mhla ka-29) uthole ucingo luvela ephoyiseni elimtshele ukuthi yilona eliphenya icala alivulele isoka lakhe. 

Uthi limbuze ukuthi angadinga malini ukuze acishe icala. Uthi ulitshele ukuthi akayidingi imali, kodwa ufuna ukuthi isoka lijeze ngokumhlukumeza. Uthi ngakusasa ekuseni eseya enkantolo uhla-ngane nesoka lihamba naye umphenyi wecala, lo obemfonela. 

Ufike enkantolo watshelwa ukuthi icala selihoxisiwe.

Uthi usehamba odokotela abeluleka ngokomqondo ngenxa yokuhlukumezeka kwakhe, futhi usedla namaphilisi engcindezi. 

Uthi leli soka belimshaya, limethuke ngazo zonke izinhlamba, bese liya naye ocansini ngenkani ekhala futhi elimele, evuza igazi. Uthi belimesabisa ngokuthi uma eke wavula icala, lizombulala. 

Uthi le nto uyibekezelele kwaze kwaphela iminyaka emibili, kuthe uma esebona ukuthi selizombulala ngempela wavula icala, wathola nokwelulekwa ngokomqondo.

“Ngonyaka ophelile lingishaye ngaze ngaphuphunyelwa yisisu. Selingilimazile, langincenga ukuba ngingalivuli icala, laxolisa langethembisa ukuthi ngeke liphinde lingishaye. Ekuqaleni kwalo nyaka ngingeniswe esibhedlela ngenxa yengcindezi ngalala izinya-nga ezimbili.

“Nginikwe izinsuku ezimbili zokuba ngivakashele ekhaya ngesikhathi ngilaliselwe ingcindezi. Ngaphuma ngayovakashela lona isoka. Ngosuku engaphuma ngalo esibhedlela kangilalanga lingishaya, lingisola ngokuthi ngithatha izindaba zami nalo ngiyozixoxela odokotela, ngifuna liboshwe,” esho.

Uthi okumkhathaza kakhulu wukuthi uzamile ukuxhumana nomshushisi enkantolo ukuze athole ukuthi lihoxe kanjani icala kodwa akazange asizakale. 

Uthi usebuya nasesiteshini samaphoyisa ukuyofuna usizo kumphathisiteshi, kodwa watshe-lwa ukuthi makaqale athole incwadi yekhansela ezomgunyaza ukuzoxoxa nomphathisiteshi.

“Ngifuna ukuyilwa le ndaba kuze kube sekugcineni ukuze kwenzeke ubulungiswa,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthi bazozama ukuxhumana nomphenyi wecala ukuze bezothola ukuthi lihoxiswe kanjani. 

nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleUgqugquzela ubuntu uYvonne
Next articleKudutshulwe kwabulawa unina izingane zibuka