Kusolwa umnakwabo kodutshulwe wabulawa

329

THANDOLUHLE NGUBO

ASAKHUNGATHEKILE amalungu omphakathi nawomndeni wakwaMthembu, KwaSokhela, eDonnybrook, emuva kokudu-tshulwa kubulawe ilungu lawo ngoLwesithathu ebusuku. 

Kubikwa ukuthi uNkz Fikile Shezi (38) (osesithombeni), udutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa, abamngenele endlini alala kuyo. 

Kuvele ukuthi kusolwa umnakwabo ekubulaweni kwakhe. Ekhuluma neLANGA uMnu Ncedo Shezi, ongumfowabo kamufi, uthe bekuwusuku olujwayelekile kubo, behleli kahle nodadewabo kwaze kwahlukanwa sekuyolalwa, kanti sebeyamgcina.

“Sahlukana kuyoshaya ehoreni lesi-8 ebusuku, sesiyolala ezindlini zethu. Ngemuva kwesikhashana, sezwa kuqhuma isibhamu. Saqhuma okokuqala, sezwa udadewethu ehayiza. 

“Saphinda amahlandla amabili elandelana, kwase kunqamuka ukuhayiza. 

“Kwathi uma siyobheka endlini yakhe, samfica eseshonile, umbulali esebalekile,” esho.

Uthe udadewabo ubengakaze abatshele ukuthi unesitha kwaze kwaba kufika umnakwabo, obethandana noyise wengane kamufi. 

Uveze ukuthi umufi ubekusho kugcwale umlomo ukuthi umnakwabo akamfihleli ukuthi akamfuni, okwenze (umufi) wagcina esemthatha njengesitha sakhe. 

Utshele leli phephandaba ukuthi umnakwabo kamufi wafikela kubo kakayise wengane (kamufi), wahlala khona. 

“Unina ka-sbari ubeyithanda le ntombazane ngoba inemali, yize indodana yakhe ibizifela ngodadewethu. 

“Lokho-ke kwenze ukuthi uyise wengane kadadewethu wasuka kubo wazohlala lapha ekhaya, ebalekela le ntombazane. 

“Noma esebalekile kubo, futhi esho ukuthi isizathu salokho yile ntombazane, iqhubekile yahlala kubo,” esho. 

Utshele ILANGA ukuthi ngoLwesine, kwafika amaphoyisa athatha umnakwabo kamufi, kodwa bezwa kuthiwa ubuye wadedelwa, wayalelwa ukuthi ayengakubo eMzimkhulu, ngoba amalungu omphakathi azombulala. 

Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa, litshele leli phephandaba ukuthi ukubulawa kukaFikile kubethusile, futhi akhona namanye amalungu omphaka-thi aveze ukuthi umnakwabo ubebuye amsongele uma ehleli naye.

“Athi umnakwabo kamufi ubehlale esho ukuthi ufuna ukumqumba phansi, lokhu akudalula ngesikhathi siyokhalisa umndeni ngoLwesine ekuseni,” kusho ilungu lomphakathi. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko.

“Amaphoyisa aseDonnybrook aphenya icala lokubulala emuva kokudutshulwa kubulawe owesifazane oneminyaka ewu-38 ngabantu abangaziwa ngoLwesithathu,” esho.

Utshele ILANGA ukuthi amaphoyisa athatha owesifazane wayophekwa ngemibuzo, wabuye wadedelwa.  

Previous articleKuhlehle umngcwabo sommeli kubulawa umfowabo
Next articleAmaLuthela abonga amagalelo omphriste wamaSheshi