Kusolwa umona “abendawo” bebulala induna nendodakazi yayo

473

NONHLAKANIPHO SHINGA

KUSOLWA inhlese yokumonazelana emndenini wenduna yesifazane ebulawe nendodakazi yayo ngeledlule. 

Ngokuthola kweLANGA, amadoda – okusolwa ukuthi ngawasendaweni – ahlasele umndeni wakwaMchunu, eQhib’khowe, eMnambithi, abulala uNkz Duduzile Mchunu (62), nendodakazi yakhe uNkz Tholakele Mchunu (41). 

ILANGA likhulume nelungu lomndeni elicele ukuba ligodlwe igama lalo ngenxa yokuba manzonzo kwesimo. Liveze ukuthi bayabazi abenzi bobubi futhi kayikho ingxabano ebikhona, kodwa lokhu kuhambisana nenhlese yokumonazelana. 

Leli phephandaba lithole ukuthi umndeni uthuka izanya ngenxa yokuthi bayaziwa abenzi bobubi, kwazise futhi nokuthi  bakhona abasindile, abashilo ukuthi ngobani abahlaselile.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambi-sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uthe kuyihlazo ukubulawa kwabesifazane ngale ndlela kube kuyisikhathi lapho uhulumeni uxwayisa ngokubulawa kwabo nezingane. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe bekungakaboshwa muntu ngalesi sigameko.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleIsexwayiso ngobungozi bomphezulu
Next articleSeyiqokiwe inkosi yesizwe sakwaButhelezi