MZWAMANDLA ZONDI
KUSOLWA umhobholo kubagijimi baKwaZulu-Natal okwenza bagcine belandela izithende zabanye abasubathi kwiComrades Marathon egijinywa minyaka yonke phakathi kweTheku noMgungundlovu. Umjaho wanonyaka uzokuba ngeSonto usukela eThekwini usongwe eMgungundlovu. Emjahweni wanyakenye, uJenet Mbhele waKwaZulu-Natal, wathola igolide engena endaweni yeshumi kwabe-sifazane.
Kwabesilisa, kwavalwa ngehlahla njengoba engekho ngisho oyedwa owathola igolide kulo mjaho owanqotshwa nguTete Dijana, kwathi uGerda Steyn wadla ubhedu kwabesifazane.
Indaba yokungasebenzisani kwabasubathi bakulesi sifundazwe ivele kwiComrades Marathon Pasta Party ebihlelwe yi-Amor Grills ngeSonto eMgungundlovu. Kulo mcimbi wokucobelela abasubathi ngolwazi, bekukhona uXolani Mabhida owayecija uBongumusa Mthembu (osesithombeni) enqoba lo mjaho amahlandla amathathu, uThuso Mosia onegolide kulo mjaho, uNontuthuko Mashimane ongungoti kwezokudla, uVictor Molefe woKhozi FM obephethe uhlelo, uMthandeni Nene weMthande Athletes Management obehlele lo mcimbi ukubala nje abambalwa.
UMabhida uthe inkinga yabasubathi bakulesi sifundazwe wukuthi bancintisana bodwa kulo mjaho, kungefani nabaseNorth West abasizanayo ngaso sonke isikhathi. “Uma singasebenzisana singabaqeqeshi, akekho umuntu ongasithinta siyisifundazwe. Enye inkinga esibhekene nayo, ngeyabaqeqeshi abaningi abangenalo ulwazi. Ngikhumbula ngo-2023, u-Edward Mothibi wathi uma ebona ukuthi unenkinga, watshela uTete Dijana ukuthi makahambe ngoba bayasebenzisana. Abasubathi base-America bayasuka emazweni abo bayozi-qeqesha eKenya thina sihlulwa yini ukwenza njalo? Lapha esifundazweni sinabasubathi abaningi abangawunqoba lo mjaho okunguMthembu, uNkosikhona Mhlakwana, u-Ayanda Ngcobo, uMahlomula Sekhonyana, uMsawenkosi Mthalane, uMhloli Jali, uNdumiso Sokhela ukubala nje abambalwa,” esho.
UNene uthe ubememe abaqeqeshi abaningi esifundazweni abanabasubathi abaya kwiComrades, kodwa kwafika uMabhida kuphela.