Kusolwa umyalelo wesihlobo ebulala unina

752

Ushise imoto nendlu enesidumbu

UNKZ Nomasonto Sabela okusolwa indodana yakhe ngokumbulala ngoba ithunywe yisihlobo.

PHUMLANI GAMA
KUVELA ukuthi ithi ibithunywe yisihlobo esondelene naso indodana (23), esolwa ngokubhokoda ngommese yabulala unina obenezinyanga eziwu-8 ekhulelwe, emuva kwalokho yathungela ngomlilo isidumbu sakhe, umuzi nemoto ngoLwesibili ebusuku. UNkz Nomasonto Sabela (43), obengumhlengikazi eGJ Crookes, eScottburgh obenomuzi eMagcini, eMgababa, eThekwini ubulawa nje, ubelungiselela ukushada ngoZibandlela (December). Abesephothuliwe amalungiselelo okushada noyise wengane yakhe abeyikhulelwe njengoba kuvela ukuthi ubeselotsholiwe. ILANGA lithole ukuthi uNkz Sabela wayeshade noyise kamsolwa, kodwa wagcina ehlukanisile naye. Kubikwa ukuthi umsolwa ubefike ngoMsombuluko evakashele unina njengoba yena ehlala noyise ePinetown.


Ngokusho komndeni kamufi, ubeyithanda indodana yakhe, eyenzela konke ebikucela yize ibihlala noyise. UNkz Thule Sabela ongudadewabo kamufi, utshele ILANGA ukuthi namanje basazibuza kodwa kabayitholi impendulo mayelana nokuthi ibingenelwe yini indodana kadadewabo ukuthi isingaze igile lo mkhuba. “Ilungu lomndeni ebelikhona endlini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, lithi liphumile layothula izimpahla kulayini, lashiya umsolwa nonina endlini. Lithi emuva kwesikhashana, lizwe umufi ememeza ecela usizo. “Kuthe uma lizama ukungena egunjini (umufi) abekulona, lathola ukuthi isicabha sivalekile, kodwa lasikhahlela langena ngenkani. Lithi lithole umsolwa ecindezele unina phansi, emgwaza ephindelela.


“Kuthe uma libona lokho laphuma layocela usizo komakhelwane. “Kuthe uma libuya nomakhelwane, bathola ukuthi indodana isithathe uphethiloli obubekelwe ukudumisa umshini wokugunda utshani, yachela ngawo imoto kamufi nomuzi yakushisa nesidumbu. “Kusize khona ukufika kwabezicishamlilo abazame ukucisha umlilo kwakhishwa isidumbu sikadadewethu. “Indodana lena kayiyena umuntu onolaka futhi unina ubeyenzela konke uma kukhona ekudingayo. “Namanje siyazibuza ukuthi kungani iqoke ukumbulala ngesihluku esinje,” kuchaza uNkz Sabela. Umakhelwane okhulume naleli phephandaba, uveze ukuthi namanje amalungu omphakathi ethukile ngalesi sigameko. INkosi yesiZwe saseMathulini, uPhathisizwe Luthuli, isigxekile lesi sigameko maqede yadlulisa amazwi enduduzo emndenini wesisulu.


“Namanje sisazibuza nje ukuthi kwenzekani lapha esizweni ngoba ziyingcosana izigameko zalolu hlobo. “Sibabaza isihluku nesibindi nje esingaka esenziwe yingane ngokubulala unina ngalolu hlobo. “Ngiyasigxeka isigameko salolu hlobo, kasamukelekile emphakathini. “Selokhu ngaphatha lesi sihlalo, kangisazi isigameko esifana nalesi. Siyafisa ukuthi ingaqhubeki into efana nalena. Sinxusa izinduna zezinsi zwa ukuba zikhuze ukuze kuzogwemeka amacala afana nalo leli,” kusho iNkosi Luthuli. Umthombo weLANGA osondelene kakhulu nalolu daba, ulipotshozele ukuthi ungqondongqondo kulesi sigameko, yisihlobo esisondelene nabo bobabili, umsolwa nomufi. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa abophe umsolwa wesilisa oneminyaka ewu-23 ubudala ngezinsolo zokubulala nokucekela phansi impahla. Uthe umsolwa uzovela enkantolo maduze.

Previous articleITHUBA ELISHA KWABAZOSIZA OTHISHA EZIKOLENI
Next articleUnogada ‘ugwaze wabulala iphoyisa’