SKHOSIPHI MTHEMBUĀ
KUSOLWA owokufika onguyise wengane ngokufa kowesifazane waseSinyameni, eMzumbe, okutholwe isidumbu sakhe kade esokeni lakhe elisha.
Umndeni kaNkz Banelile Mkhize (20) (osesithombeni), owagcina ukubonakala ekupheleni kukaMandulo (September),
isidumbu sakhe esitholwe ngoMsombuluko, kanti uthi usola ukuthi uyise wengane yakhe kukhona akwaziyo ngokufa kwakhe.
ILANGA lithole ukuthi okwenza ziqine izinsolo zokuthi nguyise wengane kamufi ogile lo mkhuba, wukuthi wagonyuluka enyangeni ethile ngakwenzile, wacela ukuba imgeze isinyama.
UNkz Nompumelelo Dlamini, ongunina kamufi, uthi usekude ukudlulisa into ayibonile, njengoba indodakazi yakhe
ibulawe ngesihluku.
āNgomhla ka-1 kuMfumfu (October), kwangena ucingo kumakhalekhukhwini wami, luvela kowesilisa owazichaza njengesoka lendodakazi yami elisha, engibuza ukuthi igcine ifikile yini ekhaya.
āWaveza nokuthi ibivakashele yena. Wangitshela ukuthi wayigcina eyiphelezela, wayishiya endleleni, wathi into emenze wafonela mina yingoba olwayo ucingo kalungeni.
āNgalo lolo suku, kwashaya uyise wengane, naye eyibuza (indodakazi).
āNgamtshela ukuthi kayikho, wabe esengitshela ukuthi ubethi uzoyilanda nengane yakhe, usephindela emuva.
āLona owazazisa njengesoka, waphinde washaya ucingo wasazisa ukuthi uke washayelwa nguyise wengane emtshela ukuthi makahlukane nonina wengane yakhe.
āSiyasola ukuthi uyise wengane wamcuthela endleleni, ngoba lapho watholakala khona, yindlela esiyisebenzisayo.
āSizwile nokuthi uke waya enyangeni wayogezwa isinyama, wagonyuluka ngakwenzile,ā kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala
lokubulala kanti amaphoyisa asaphenya.