Kusolwaubudedengubesikole’ngokuzibulala’komfundi (19)

359

Kuthiwa uthisha ubize lo mfundi ngesidomu phambi kwabanye abafundi

MTHOBISI SITHOLE
UKHETHE ukuqeda ngempilo yakhe ngokudla umuthi wamagundane umfundi okuthiwa ubizwe nguthisha ngesidomu phambi kwabanye abafundi, kubangwa ukuthi umbuyisela ekilasini abedlule kulona engaliphasanga nyakenye. UKwanele Khumalo (19), (osesithombeni) ubefunda ePhumanyova High, esiPhambanweni, KwaNongoma, okungesinye sezikole eziphasa kahle umatikuletsheni esifundazweni KwaZulu-Natal. Kuthiwa lo mfundi akaphasanga nyakenye, okuthe uma kuvulwa izikole waya kwaGrade-11, bamyeka othisha wafunda. Kuthiwa sekuzohlolelwa amaholide esigaba sokuqala ePhasika, umfundi ucele ukuba bamyeke asale esebhala izivivinyo bese ebuyela kwaGrade-10, uma kuvulwa izikole.


Kuvela ukuthi kube khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nothisha okunguyena ombize ngesidomu. Umthombo weLANGA uthi lo mfundi ubethatha kancane esikoleni, ewaphinda amakilasi. “Ngisola ukuthi izingane zimhlekile uma esebuyela emuva. Sisola ubudedengu besikole kuyona yonke le nto eyenzekile, ngoba nabo bahlulekile ukulawula lesi simo, nakho-ke ukunganaki kothisha izinto abazenzayo ezinganeni nabazikhulumayo zinomthelela omubi,” kusho umthombo. Kuthiwa lo mfundi uye edolobheni KwaNongoma ngoLwesithathu eyokhipha imali abethunywe yona, kusolwa ukuthi umuthi uwuthenge edolobheni. Umthombo osondelene nalo mndeni, uthi kutholakale umuthi endlini abelele kuyona umfundi.

Kubikwa nokuthi uthisha osoleka kulokhu, uzamile ukuyokhala emndenini, waxoshwa ephethe okuthile. Uninakhulu womfundi, uNkk Senzeni Khumalo, uphike walala ngomhlane ukuthi umzukulu wakhe uzibulele. Utshele leli phephandaba ukuthi ubekade ephethwe yisisu. Ebuzwa ukuthi kukhona yini uthisha ofike emndenini wajikiswa, nakho ukuphikile. “Bafikile othisha bezosikhalisa, kwakhona abakushiya esosweni. Engikwaziyo nje wukuthi ingane iphelele ezandleni zami izibhonqabhonqa ilunywa yisisu,” kusho uNkk Khumalo. Uthi phakathi kwamabili, ngo-Lwesithathu, umzukulu ufike eseziginqa phansi, esesabeka indlela isimo ebekade ekusona exinwewukugula.

Uthi uzamile ukumthela ngamanzi abandayo nashisayo, kwanhlanga zimuka nomoya kwaze kwaba uphelela ezandleni zakhe. Leli phephandaba litshelwe ngomunye umthombo ukuthi ngesikhathi beyokhala kulo mndeni, uNkk Khumalo ubatshele ukuthi umzukulu wakhe kukhona into ayidlile ngoba umlomo ubumnyama wonke, usugqungqile. Kuthiwa lowo muthi wathathwa wayolahlwa endlini encane. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe bazwelana nomndeni ngoba akekho umzali ofisa ukulahlekelwa yingane noma ngabe yisiphi isizathu. “Sizokubheka okumataniswa nothisha, ngoba uthisha umsebenzi wakhe wukuthi afundise ingane noma ngabe ithatha kanjani. Ukukhuluma kabi kukathisha enganeni, kuyahlala enhliziyweni yengane ikakhulukazi uma ezokhuluma phambi kwabanye abafundi. “Sizosondela eduze kulokhu okusolwa kuthisha,” kusho uMnu Mahlambi. mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleUnesi ulahlwe yicala kokudlwengulaintombazanyana emtholampilo
Next articleBafuna kuphenywengethenda yokudlaezikoleni zaseKZN