Kusuke umthwalokumculi kuhoxiswaicala lokudlwengula

324

UMTHOKOZISI Ndaba uthi uzosebenza ngokuphindiwe ukuhlanza igama lakhe ngemuva kokungcoliswa ngecala elibucayi.

LUCKY CAIN
UKUFANISE nokusuka komthwalo emahlombe akhe ukuhoxiswa kwecala lokudlwengula abebhekene nalo umculi owazakhela udumo emncintiswaneni we-Idols SA, uMthokozisi Ndaba. Icala ebelibhekene nalo mculi ligcine ngokuhoxiswa yiNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, eBridge City ngeledlule. Uhluleke nokuzibamba ngesikhathi lichithwa, wafikelwe yizinyembezi etshelwa ukuthi icala ebeselidonse izinyanga eziwu-8, liyahoxiswa. Ethintwa yiLANGA uMthokozisi, ukuqinisekisile ukuthi umthwalo usukile emahlombe akhe. Uveze ukuthi bekuvele kuyicala elingekho kwazise wayevumelene nowesifazane azimbandakanya naye (ngokocansi).


“Engingakusho wukuthi kube yisikhathi esinzima kakhulu empilweni yami, ukuthi ngisolwe ngecala elibucayi kanje, ikakhulukazi esikhathini
samanje lapho izigameko ezifuze lezi zidlangile. Leli cala lingingcolisile, sengisaba nokudlalisa izingane ezincane, ngoba angazi, abantu bangibheka ngayiphi indlela,” esho. Uthi kubuhlungu ukusolwa ngecala lokudlwengula noma elokuhlukumeza abesifazane ngoba akugcini ngokukulimaza emoyeni,kodwa nasempilweni jikelele, ikakhulukazi njengoba engumculi. “Ngokubhekana naleli cala ngilahlekelwe yizinkampani ebese ngiqale izingxoxo zoxhaso nebhizinisi nazo. “Bekungelula ukuthi zizihlanganise nami, ngibe ngisolwa ngento ebucayi,” esho.


Echaza ngokwenzeka, uthe uyavuma ukuthi wangena ogibeni lokuphambuka. “Ngahlangana nowesifazane, savumelana ngokuba ndawonye, kwathi ngakusasa, wangifuna imali engango-R1 500, ngavuma ukuthi ngizobuye ngimnike. Wanginikeza umnqamulajuqu, kwathi kushaya usuku lomnqamulajuqu ngingakamniki, wakhetha ukuyongivulela icala,” kuchaza yena. Uthe lona wesifazane wasebenzisa VOHDisikhathi okuphilwa ngaphansi kwaso, ukungcolisa igama lakhe. “Konke esakwenza sasivumelene ngakho, konakala uma esefuna imali engangingenayo ngakusasa futhi nalapho, ngangizimisele ukumnika,N kodwa ngenxa yokushaya kwesikhathi sosuku ayengibekele lona ngingakayihlanganisi, wabe esekhetha ukusebenzisa umthetho ngendlela engalungile,” esho.


Uthi okukhombisa ukuthi wayefuna ukungcolisa igama lakhe ngokuvula leli cala, selokhu alivula ubengakaze alubhade enkantolo njengoba imantshi igcine isilihoxisa ngoba bekucaca ukuthi kalikho, nomuntu owalivula akazimisele ukuthola ubulungiswa. Uthe njengoba seliphelile nje, usezokwazi ukugxila emculweni wakhe, asebenze ngokuphindiwe ukuhlanza igama lakhe. Uveze ukuthi lesi sigameko simfundise lukhulu ngabantu besifazane, yingakho esezimisele ukugxila kwingoduso yakhe azimisele ukuyithatha maduze, uNandipha Sefoloko ongumlingisi wemidlalo kamabonakude. Uthe ngoNhlolanja (February) wanonyaka ukhiphe i-EP enezingoma eziyishumi, ayiqambe ngaye uNandipha egcwele izingoma zothando. Uthe kule EP usebenzisane namaciko ahlukene okubalwa kuwona uThembinkosi Twala, uBheki Mahlawe, uNduduzo Khowa, uMenzi Biyela,B uShon G nabanye. Uthe uyamxolela lona wesifazane omdlulise ebunzimeni

Previous articleIsililo kuwa insika kamaskandi
Next articleKUSHISWE IZELAMANINEZIMOTO ZAZO