Kuthanjiswe imigomo yokuzila kudlula undlunkulu

549

TSEPO MOLEFE

BUZWELANE nomphakathi ubuholi besizwe sakwaNtuli oYaya, eShowe, baxegisa imibandela yokuzila uma kudlule ilungu lomndeni wasebukhosini, emuva kokuba semanzini kwesizwe ngeSonto, kushona uNdlunkulu uLillian Ntuli (76), uMaNkwanyana, owayegane iNkosi uMuzingezwi, eseyakhothama.

Umndeni wasebukhosini uyalele amalungu omphakathi ukuba aqhubeke nezinhlelo
zemicimbi yangempelasonto, ngoba uyakuqonda ukuthi abantu besebehlelile. Nokho, kuyalwe abantu ukuba bagiye babuye nganeno, bakhumbule ukuthi isizwe
sisemanzini.

Izindaba zokudlula kukaNdlunkulu uMaNkwanyana ziqinisekiswe kwiLANGA nguMnu Zamo Ntuli, oyilungu komndeni wasebukhosini. (Lolu daba luphume ephephandabeni layizolo)

Vector Simple shinning Black Ribbon, Isolated on White
Previous articleIveze eyokuhlukunyezwa ingoduso ethinteka kwelokubulala umyeni
Next articleIndodana kaShenge yazise iSilo ngezifiso zikayise