“Kuthinteka” nowomndeni ekubulaweni kukasomatekisi obengusaziwayo

332

JONN HLONGWA 

USEKUBHACENI usomatekisi ongusaziwayo odliwa yingebhe emuva kokudutshulwa kubulawe iwele lakhe. 

USakhile Biyela (38) waseBhucanana, eMpangeni, uthi usesaba ngisho ukuphuma endlini emuva kokubulawa kwewele lakhe, uThabani Biyela (ophethe isifonyo esithombeni) ngoNcwaba (August), esedolobheni eShowe. 

La mawele abefana – kungelula ukuwahlukanisa – aqale ukuzakhela udumo ohlelweni Imboni Yamatekisi, oludlala kuMzansi Magic (channel 161) ngoLwesine. 

Lolu hlelo lukhuluma ngempilo yabanikazi bamatekisi. USakhile noThabani banamatekisi angaphezulu kuka-11, asuka eBhucanana eya eMpangeni. Amanye ahambela kweminye imizila esezindaweni ezehlukene. 

Kulona lolu hlelo, uSakhile uveze ukuthi uyaziwa umuntu owabulala umfowabo futhi ngowasemndenini, babiza isibongo esisodwa.

Ube nengxoxo ekhethekile neLANGA, lapho eveze khona ukuthi impilo yakhe kayisoze yafana nakuqala emuva kokubulawa kwewele lakhe abengahlukani nalo.

Uthe njengoba esekubhaceni, uyazi ukuthi usohlwini lwabantu abazobulawa. 

Previous articleUkubambisana kukahulumeni nabezimboni ezizimele kungadala amathuba kwabahleli neziqu
Next articleUhlehliselwe unyaka ozayo owoSuthu neDowns