Kuthinteke abakamaskandi neLadies House ukuhlabeka kukaDSD bamenzela umnikelo

169

MTHOBISI SITHOLE

LIHLABE lephukela kubaculi bakamaskandi nabesifazane bekhasi lodumo lenkundla yezokuxhumana, iFacebook,  iLadies House, ngokugula komculi kamaskandi, uKhangelani “DSD” Mhlongo, bamnikelela imali yokwelashwa. Kuyimanje lo maculi owagqama emaqenji kaKwakhe “Mgqumeni” Khumalo, ulaliswe esibhedlela kusuke angoLwesibili olwedlule. Kubikwa ukuthi uxinwe yisifo sikashukela nezinso. ILANGA Lempelasonto libike ngokugula kwalo mculi.

Umfowabo kaDSD, uMnu Thabani Mhlongo, uthi kufone abaculi bacela ukwelula isandla, bethintwa wukuzwa ngokugula kwakhe. Uvumile ukuthi nabesifazane beLadies House bacele ukuphosa esivivaneni. “Bathe ngokwejwayelekile, umnikelo ukhishwa uma umuntu engasekho emhlabeni, kodwa-ke bafisa ukwenza okwehlukile, balekelele umndeni ekwelashweni kukaKhangelani,” kusho uMhlongo.

Uthi isimo salo mculi besisibi kakhulu ngesonto eledlule kodwa sesiyathembisa.

Lo mculi uqiniswe wukugula ngoZibandlela (December) nyakenye, exinwe yizinso. Umthombo weLANGA osondele emndenini uthi, nakuba besekungconywana kulo nyaka, konakale ngokuthi kukhuphuke ushukela.

Omunye wabaculi bakamaskandi, uNjoko, uthe baqhathanise umnikelo ngoba bafuna asizakale kodokotela.

Abaculi bakamaskandi abalule isandla kube nguFalabo, uLimit, uJaiva, uGatsheni, uKhuzani, uQhosha, u-Ali Mgube, uMashelela, uDumakahle, iNkosi Yamagco-kama, uSmirnoff, uNgelo V, uSomntwana, uSongqongqo, uPotso, uMenzi, uNtencane, Abafana bakaMgqumeni, uMzukulu, uLuve, uThandazani noKwazi Nsele.

Ukugula kukaDSD kuphazamise ukuthi akhiphe i-albhamu ngoZibandlela nyakenye, waze wayikhipha ekuqaleni konyaka. 

mthobisis@ilanganews.co.za 

Previous article03 June 2024
Next articleU-Erasmus uvalelisile kwiBucs