SKHOSIPHI MTHEMBU
UJIKA nelanga uthishanhloko waseMpembeni Primary School, eSikhaleni, eMpangeni, okuthiwa ubesongelwa ngokuthi amalungu omphakathi azomenzakalisa uma eke wabonakala emagcekeni esikole.
Sekuphele izinyanga eziwu-8 uMnu Khula Sibiya onguthishanhloko waseMpembeni, engalubhadi esikoleni. Kuthiwa wagcina ngoNdasa (March), emuva kokusongelwa ngokuthi uzosocongwa.
ILANGA lithole ukuthi uSibiya usevule inqwaba yamacala emaphoyiseni, ahlanganisa izinsongo zokumenzakalisa. Lithole ukuthi sekuke kwangena ilungu lomphakathi esikoleni liyomfuna ngesibhamu, wathola nemiyalezo emsabisa ngokuthi angalinge abuyele esikoleni.
Leli phephandaba liwubonile umyalezo othunyelelwe ocingweni lwakhe, othi: “Ungasho ukuthi isexwayiso kawusitholanga, ngiyaphinda ngithi kuwena okokugcina Sibiya, asikufuni eMpembeni Primary. Ubuze kwabaziyo ukuthi umuntu onjengawe wenziwa njani. Hamba uyophatha ngakini. Sizobe sikubhekile. Yenza okukulungele,” kusho umyalezo athunyelelwe wona.
ILANGA likhulume nomthombo osondelene noSibiya, othe izinkinga ziqale ngesikhathi eqokelwa kwesokuba nguthishanhloko.
Lithole ukuthi ngomhla ka-20 kuNhlangulana (June) 2018, kunomcimbi wesiko-e, kwasabalala izincwadi ezazitshela umphakathi ukuba usukume, ulwe nokuqokelwa kukaSibiya kulesi sikhundla, ngoba kuthiwa akaziwa emphakathini.
Ethintwa yileli phephandaba uSibiya, uvumile ukuthi ukwakhe, kodwa wathi ngeke akwazi ukukhuluma nabezindaba ngalolu daba, wacela ukuba kuxhunyanwe nomnyango.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthe ubengakezwa ngodaba, kodwa usathumelele imininingwane yalo ehhovisi lesifunda ukuthola incazelo ephelele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aphenya icala lokwesabisa elavulwa yisisebenzi sesikole esiseMpangeni.
Bekungakaboshwa muntu.