NONHLAKANIPHO SHINGA
USHAYA amakhala umndeni waKwaGabela, oNdini, ngemuva kokuthola umbiko ngokudlula emhlabeni kwendodana yawo okuthiwa ishayiswe yimoto yabaleka (imoto), waphinda wathola eminye imibiko ebeyiphambana nalokhu. Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, uMnu Nhlanhla Gabela, obehlala eHammarsdale, entshonalanga yeTheku – esebenza enkampanini yezimbiwa, i-Assmang, eCato Ridge – ushayiswe yimoto ngoLwesithathu ekuseni ephuma emsebenzini.
Ngemuva kokusabalala kwezindaba zokulimala kwakhe, baningi ababe sebeveza ezinkundleni zokuxhumana okuphambanayo nobekubikiwe. Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi uGabela ubenengxabano nowesifazane asondelene naye, obeyomlanda ngemoto emsebenzini.
Kuthiwa lo wesifazane ube esemtshela ukuthi makaphume emotweni, agoduke ngezinyawo. “Lo wesifazane ube esemshayisa ngemoto, wamgandaya ngayo ephindelela kwaze kwaqhuma ikhanda,” kusho umthombo waleli phephandaba.
Nomunye umthombo ocele ukungadalulwa, usho okufanayo.
Kuthiwa owesifazane ubefuna imali ukuze akwazi ukuzikhipha nabangani bakhe njengoba bekuyiholidi.
ILANGALempelasonto likhulume nelungu lomndeni wakwaGabela, uNkz Amanda Magwaza, elithe lithole ucingo obeluvela kuyise, elibikela ukuthi umfowabo akasekho emhlabeni.
“Ngibuze kulona wesifazane abesondelene naye ukuthi kwenzekeni kumfowethu, wanginika impendulo okuze kube yimanje kangigculisekile ngayo. Ngibe sengithola umyalezo obuvela komunye ongathandanga ukuzisho, engi-tshela ngokuthiwa kwenzekile kumfowethu,” kusho yena.
Uthi baze bahlangana nomunye wabaseshi beyozwakalisa ukungagculiseki kwabo ngokubikiwe mayelana nokufa komfowabo.
“Siyafisa ukuba kuphume iqiniso ngokwenzeke kumfowethu, nokuthi amaphoyisa aphenyisise,” kusho uNkz Magwaza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala lokubulala.
“Amaphoyisa asesiteshini iMpumalanga asaphenya ngalesi sigameko,” kusho yena.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za