Kuthiwa ubungenaso isibusiso umshado womhlengikazi “obulawe” ngumyeni

459

PHUMLANI GAMA

UGEQE amagula umndeni ngomshado wendodakazi yawo ebingumhlengikazi, edutshulwe yabulawa ngumyeni wayo
ngoLwesithathu isemsebenzini. Umndeni kaNkk Jabulisiwe Mashiyane, uMaMthethwa (42) (osesithombeni), uthi ubulawa nje, uyise ubevele engawubusisile umshado wakhe nomsolwa. Kuvela ukuthi ngosuku lomshado, umsolwa waphoqa umufi ukuba bashade umshado ohlanganisa amafa. Kuthiwa umufi waqala ukuvuleka amehlo ngosuku lomshado, mayelana nobubi bomyeni wakhe. 

UNkk Mashiyane ubulawe emagcekeni esikhungo sikaMasipala uMhlathuze, eRichards Bay. Ngokuthola kweLangaLempelasonto, umsolwa ufike emtholampilo walo mkhandlu, wabiza umngani kamufi, wambuza ukuthi umgcine nini. Kuthiwa umngani uphendule ngelokuthi umgcine ngoLwesibili endaweni abazivocavoca kuyona. Kuthe uma ezwa lokho umsolwa, wathatha ucingo wafonela inkosikazi yakhe, wayibuza ukuthi ilale kuphi. Kuthe uma ithi ilale kumngani wayo, wathukuthela wathelwa ngamanzi umsolwa. Umngani ube esekhuluma iqiniso lokuthi umufi ubelele kwakhe ngoba ekhala ngokuthi wesaba umyeni wakhe. Kuthiwa usuke lapho wayofuna inkosikazi yakhe, okuyilapho khona kube nengxabano emfushane, emuva kwalokho wadonsa isibhamu, wayidubula phambi kozakwabo. 

Leli phephandaba lihambele umndeni kamufi eDondotha, KwesakwaMthethwa, eMpangeni, laxoxa noMnu Sinothi Mthethwa ongumfowabo. Uthe umsolwa waqala ukuzibonakalisa ukuthi akalungile, esaqala ukuthandana nodadewabo. “Kwenzeka ihlazo ngosuku lomshado. Usibali waphoqa udadewethu ukuba asayine umshado ohlanganisa amafa. Ubaba wayesemkhuze kaningi (udadewethu) ngalo muntu, emtshela nokuthi akamethembi futhi ubukeka engusomathuba. Kawuphelanga unyaka bethandana, kwabe sekulotsholwa kwashadwa. Ngosuku lomshado, ubaba wanikwa ithuba lokukhuluma kodwa wenqaba, wathi makukhulume mina ngoba yena akagculisekile ngalo mshado. Wayevele engafuni ukuya emshadweni, waya ngoba emkhonzile uJabu,” esho. ILANGA ngoLwesine, libikile ngokubulawa kukaMaMthethwa.

Previous articleUdilikajele enkabini eyabulala uthisha ngenxa yomyeni “onomona”
Next articleBethulelwe isigqoko abaseMsinga ngokulekelela kwakhiwa uphiko lwezemfundo