MTHOBISI SITHOLE
KUTHIWA akasalali kwakhe emzini oseThekwini owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe “Zulu Chamer” Mchunu waseMabhuqwini, eNkandla okuthiwa ubhacele amaphoyisa emuva kokuba uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele egigiyele uNgizwe, wathi basezithendeni zabo bonke abashoshozeli balolu dlame lokutatshwa kwempahla.
Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa uNgizwe ucashile, kwazise usolwa nabanye ngokuphehla udlame oluholelele ekutheni kucekelwe phansi izitolo nezindawo zokugcina impahla (warehouses) eGauteng nakwaZulu-Natal, kwantshontshwa, impahla.
UMnuz Cele uthe kunohlu lwabantu olusemaphoyiseni abasolwa ngokugqugquzela udungunyane ezweni.
“Abanye babo ngenhlanhla sikwazile ukubahlonza ngokukhulu ukushesha. Akukwazi ukuthi kungaba khona umuntu obiza isithangami sabezindaba ethi wethulela isizwe inkulumo, ekubeni singamazi ukuthi lokho ukwenza ngoba wayekhethwe kuluphi lona uhlaka. Konke lokho wukudukisa abantu, ” kusho uMnuz Cele.
Ngakolunye uhlangothi, uNgizwe uthi akaze athume abantu ukuthi beyocekela phansi impahla.
“Uma uzokhumbula kahle, ngesikhathi ngithula inkulumo yami yokuqala, ngize ngathi abantu akumele bashise izwe labo ngenxa yabantu abangalikhathalele ngoba bona benemizi phesheya kwezilwandle. Kuleli zwe wonke umuntu unelungelo lokuveza ilaka lakhe,” kusho uMacingwane. UNgizwe usolwe ngokuyihlomisa ngesiqubulo esithi, #Azikhale, wathi uma engakhishwa ejele uMnu Jacob Zuma, awusukume uZulu. Wabuye wanqumela UMengameli wakuleli, uMnu Cyril Ramaphosa izinsuku ezintathu zokuthi akukhishwe uMsholozi ejele.