NOMFUNDO NGWANE
ADUNGUZA ebumnyameni amalungu omndeni wakwaMbatha, KwaSishwili, oNdini ngokubulawa ngesihluku kwendodana yawo nomkayo, besemzini wabo, izidumbu zabo ezitholwe ngoLwesibili sezonakele. ILANGA lithole ukuthi isidumbu sikaMnu Lucky Mbatha (47) nesomkakhe, uNkk Lindiwe Mbatha (45), zitholwe yilungu lomndeni zikhulekwe izandla nezinyawo, zinenqwaba yamanxeba okugwazwa. UMnu Themba Mbatha, ongumfowabo kamufi ozifikele mathupha endaweni yesigameko uthi uzithele phezu kwale nkanankana nje, ubefikile evakashile ephuma eGoli, wabe eseyovakashela umfowabo abekade wamgcina.
“Ngifike emzini wabo isango livuliwe, okuyinto engajwayelekile. Ngingenile ngafika igaraji livuliwe, imoto kamakoti ingekho, kodwa ngazitshela ukuthi usemsebenzini ngoba bekuyisemini. “Ngesikhathi ngingena egaraji, ngizithele phezu kwegazi elomile, ngadlulela endlini, ngafika nakhona umnyango uvuliwe kodwa kuthulekile. Ngizithele phezu kwesidumbu sikamfowethu ephaseji, siboshwe izandla nezinyawo, emlonyeni eshuthekwe indwangu wambozwa ngopulasitiki ekhanda. “Ngithuke ngoma, ngangabe ngisaqhubekela kwezinye izindlu. Ngiphume ngejubane ngayobiza amaphoyisa ukuthi azongibonisa lo mhlola.
“Kuthe uma sengibuya namaphoyisa, sadlulela endlini yokuphumula sazithela phezu kwesidumbu sikamakoti, naso siboshwe izandla nezinyawo, bese kunzima nokubona ukuthi ubulawe kanjani. “Umfowethu ubehlala nomkakhe bebehlala bobabili, bebengakaze basibikele lutho olubi mayelana nokuthi kunabantu abangezwani nabo. Ababulali bathathe imoto kamakoti, ikhompyutha yasemsebenzini nomakhalekhukhwini babo. “Siwumndeni sisadidekile ukuthi yini le edale ukuthi baze babulawe ngesihluku esingaka,” kusho uMnu Mbatha. UMnu Mfanafuthi Ndaweni, ongumfowabo kaNkk Mbatha, uthi udadewabo ubengumabhalane kwesinye sezikole khona oNdini.
Utshele ILANGA ukuthi uthukile ngesikhathi efonelwa ngomunye wothisha osebenza nodadewabo ngoLwesibili, embikela ukuthi kade ezama ukuxhumana naye nomyeni wakhe, akabatholi ezingcingweni zabo kwazise ubelokhu egcine emsebenzini ngoMsombuluko kunomsebenzi obekumele ayowenza ekhaya, obekudingeka ukuthi afike nawo ngoMsombuluko ekuseni eseqedile ukuwenza. “Belungapheli usuku nginga khulumanga nodadewethu, besisondelene kakhulu. Ngigcine ukuxoxa naye ngoMgqibelo emini ngezithuba zabo-1.
“Ucingo lwakhe belukhombisa ukuthi ugcine ukungena ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo ngezithuba zabo 4 ntambama. “Abantu abenze le nto bebeyihlelile njengoba bebefake ngisho amagilavu ezandleni. Isiqophamkhondo (tracker) semoto kadadewethu, sikhomba kuthi igcine ukubonakala idonsa eGoli. “Sesithembele kwabomthetho ukuthi bazobabamba abasolwa ukuze sizothola iqiniso ukuthi bebeze bababulale ngesihluku esingaka nje, bebethunywe ngubani,” kusho uMnu Ndaweni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe amaphoyisa avule amacala amabili okubulala, bekungakaboshwa muntu.
nomfundo@ilanganews.co.za