Kuthungathwa abeqe esitokisini bebhekene namacala anzima

868

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUFUNWA uthuli iziboshwa ezintathu ezibhekene namacala okubalwa kuwo awokubulala nawokuzama ukubulala, ezeqe esitokisini KwaMsane, eMtubatuba ngoMsombuluko. Kuze kube yimanje, kuthiwa uSabelo Gumede (34), uXolani Mkhize (25) noSmangaliso Mpanza – abenze amacala ahlukene khona eMtubatuba – basagcwele amathafa emuva.

ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi uSabelo weqa nje, bekumele ayogwetshwa mhla ka-23 kuMbasa (April), ngecala lokubulala uMnu Sbongiseni Ntshangase (39). Kubikwa ukuthi umufi wadutshulwa waphuthunyiswa esibhedlela, mhla ka-23 kuNdasa (March) nyakenye -washonela khona. UMkhize yena kubikwa ukuthi ubhekene necala lokushaya nokuzama ukubulala owayeyisinqandamathe sakhe ngoLwezi (November) wangonyaka odlule.

Kubikwa ukuthi isisulu esineminyaka ewu-25, sasikubo silungiselela ukuya emsebenzini ngesikhathi kufika uMkhize. Kuthiwa kwabe sekuqubuka ingxabano phakathi kwabo, eyaholela ekutheni uMkhize asishaye kabi maqede wasibhokoda ngommese. Saphunyuka saphuthunyiswa esibhedlela, kwavulwa amacala amabili; elokushaya nelokuzama ukubulala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukweqa kwalezi ziboshwa, wacela noma ngubani ongaba nolwazi ngazo axhumane namaphoyisa aseduze ngokushesha noma ashayele ku: 086 001 0111.

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleKuputshuka ezokungenami kukaMotaung ngabadlali nabaqeqeshi beChiefs
Next articleSiqhubeke sesichithwe yinkantolo isiteleka sezisebenzi zeTheku