Kuthungathwa owadubula isisulu sifuna umakhalekhukhwini ayesibambe wona inkunzi

209

SKHOSIPHI MTHEMBU

UZINGELWA ngamaphoyisa owesilisa waseMlazi osolwa ngokudubula alimaze owesilisa ngoba ecasulwa wukuthi wayemfuna umakhalekhukhwini ayemphuce wona embamba inkunzi, ehamba nobhululu wakhe. Amaphoyisa acela ukufuniswa uMnu Sfundo Sweetwell Nxumalo (29) (osesithombeni) ngecala lokuzama ukubulala uMnu Smanga Vusi Khumalo ngo-2021. 

Kubikwa ukuthi uNxumalo wenza lokhu ehamba nomngani wakhe, uMnu Bongumusa Sphesihle Radebe, yena obhekene noxhaxha lwamacala okubulala nawokuzama ukubulala, okumanje azoqala ukuqulwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini. 

UKhumalo wagcina ebulewe ekuqaleni kwalo nyaka, okusolwa ukuthi kwakucinywa ubufakazi. ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi ngaphandle kwaleli cala lokuzama ukubulala uKhumalo, uNxumalo noRadebe basolwa kwamanye amacala okubulala, awokuzama ukubulala nawokubamba inkunzi. 

Kula macala kwabulawa uMnu Loyiso Shabalala, owadutshulwa mhla ka-22 kuZibandlela (December) ngo-2020, uMnu Sthembiso Gladwell Njapha owadutshulwa ziwu-15 kuNhlaba (May) wango-2021 noMnu Mthobisi Shibase owadutshulwa ziwu-17 kuNhlangulana (June) wango-2022. Ecaleni lokuzama ukubulala uKhumalo, kuthiwa kwathi sebemubambe inkunzi,  wabikela unina. Banikela kubo kaNxumalo beyokubikela abazali bakhe ngesenzo sakhe noRadebe. 

Kubikwa ukuthi besaxoxa nomndeni, kwaqhamuka uNxumalo noRadebe badubula balimaza uKhumalo phambi kukanina. UKhumalo walimala wagcina ngokukhubazeka isingezansi. 

Amaphoyisa acela noma ngubani onolwazi  ngoNxumalo axhumane noDetective Const Mshengu ku: 0670717200/ 0860010111. 

Previous articleKumbiwe ithuna kwebiwa ikhanda esidunjini soshone engaboni
Next articleUjika nelanga umfundi “odedele isibhakela” kuthisha “omshaye ngempama”