Kuthunjwe uthisha waseMUT

286

Abesikhungo bathi kabakholwa wukuthi lokhu kuhlangene nokufundisa kwakhe

MTHOBISI SITHOLE
KUNYAKAZISE uzinzo eMangosuthu University of Technology, eMlazi, eThekwini ukuthunjwa kowesilisa ofundisa khona ngesikhathi sezivivinyo zokuhlolwa kwezitshudeni njengoba kuphela isigamusokuqala sonyaka (semester). NgoLwesithathu umphathi wenyuvesi,uSolwazi Marcus Ramogale, wazise abezindaba ngokuthunjwa kukaMnu Shan Dorika (osesithombeni) ofundisa emnyangweni wakwa-Electrical Engineering, osefundise iminyaka ewu-26 kule nyuvesi. Kuthiwa kubonakale i-video ezinkundleni zokuxhumana imveza ethunjwa, nakuba bengabonakali kahle abenzi bokubi kuyona. USolwazi Ramogale uthi lesi sigameko sishaqisile. Uveze ukuthi lezi zindaba bazithole ngoMso-mbuluko, wabe eselusukumela phezulu udaba.


“Okusiphatha kabi kakhulu wukuthi kuze kube manje akekho osinikeza ulwazi oluphelele, ngoba kusobala ukuthi ukhona owabona kwenzeka lesi sigameko, wasithwebula, wasifaka kwezokuxhumana. Siyafisa ukuthionolwazi ngalokhu, abike emaphoyiseni noma enyuvesi ukuze uMnu Dorika abuyele emsebenzini ephephile ngoba ukunyamalala kwakhe, sekuphazamise izitshudeni njengoba kubhekwe ekuhlolweni kwazo,” kusho uSolwazi Ramogale. Utshele abezindaba ukuthi nakuba bengasazi isizathu sokuthunjwa kwakhe, kodwa kabakholelwa ekutheni kuhlangene nokufundisa kwakhe enyuvesi. Uthi akukho ngisho ezinye izinto abekade eyingxenye yazo, okubalwa nokukhishwa kwamathendaenyuvesi. Uthi okubahlanganise naye kulesi sikhungo, yikhono lakhe elingandile lokufunda nokufundisa.


“Siphatheke kabi ngoba noma ngabe yini embi eyenzeka kwisisebenzi senyuvesi nesitshudeni, kwenza umonakalo omkhulu. Kuyasidida okwenzekile, kushiya imibuzo yokuthi uma bekade befuna imoto, kungani kungathathwanga yona, ayekwe abuyele emndenini wakhe,” esho. Uthi njengoba kuqhubeka isikhathi kungekho okuzwakalayo, nesikhathi sezitshudeni siyalahleka ngoba kufanele engabe ubhekene nazo, uyazilekelela ezifundweni zabo. Uveze nokuthi uzobhalela incwadi ungqongqoshe wezeMfundo ephakeme uDkt Blade Nzimande, amazise ngalesi sigameko. “Ulwazi lwakhe lujule kakhulu emkhakheni wezobunjiniyela,” esho. Uveze nokuthi lesi sigameko senzeke ehamba ngemoto emnyama yohlobo lweHonda CRV.


UMengameli womkhandlu wezitshudeni i-Student Representative Council(SRC), uMnu Vusi Mthethwa, uthi lesi sigameko sihlukumeze kakhulu izitshudeni njengoba zincoma iqhaza likathisha wazo. Unxuse abanolwazi ukuthi bawuhlabe bawulawule. Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCol Robert Netshiunda, uthe kuvulwe icala lokunyamalala kowesilisa oneminyaka ewu-61 yobudala ngesonto. Uthi uphenyo lwenziwa esiteshini samaphoyisa eGreenwood Park. mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleAhlela umhlanganoamakhosi angeneme
Next articleUzobhadla ejeleowakha itulo lokubulalaunina wezingane