Kuthunuke umkhuzi wamaphoyisa ukubulalana kwamaphoyisa “ebanga imali”

277

SKHOSIPHI MTHEMBU 

KUKHUTHAZWE amaphoyisa ukusebenzisa uhlelo lwezempilo lwangaphakathi, Internal Employee Health and Wellness, ukuze ahlale esesimweni esihle somqondo ukugwema ukuba agcine esebenzisa udlame ukuxazulula izinkinga. Lokhu kwenziwe nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi emuva kokuba iphoyisa lidubule labulala uzakwabo ngoLwesibili ebusuku – esesiteshini samaphoyisa eNsuze, eNdwedwe – okusolwa ukuthi indaba isuswe wumbango wokubolekana ngemali. 

Kuthiwa umufi, uSgt Nkanyiso Khoza, ubesebenza e-charge office, abanye ozakwabo besanda kuphuma ngesikhathi kutheleka uzakwabo ongu-constable. Kuvela ukuthi ufike wavulela ngenhlamvu ebhekise kuzakwabo, emuva kwalokho washaya utshani, kanti kukhona iphoyisa elimbonile egila lo mhlola. 

Ngolwesithathu, kuthiwa uvuke wanikela nikele emsebenzini efake umfaniswano wamaphoyisa eyosebenza njengokujwayelekile, wazenza umuntu ongazi lutho ngesigameko sokubulawa kukazakwabo, zabe seziyamkhalela. Uphu-cwe nesibhamu somsebenzi. Ngokuthola kwaleli phephandaba, umufi nomsolwa bebehlala ngokuxabana emsebenzini, kodwa indaba yabo ibuye idlule.

 ILANGA lithole ngemithombo yalo engaphakathi kulesi siteshi ukuthi umufi ubejwayele ukuboleka umsolwa imali. Bagcine sebexabana kubangwa ukuthi umsolwa akasayingeni eyokukhokha. 

Omunye umthombo uveze ukuthi umsolwa ubesebenza esiteshini samaphoyisa eMandeni, nakhona akahambanga kahle, kunecala ayesolwa ngalo, kodwa waphuma phambili kulona. 

Umsolwa uvele namhlanje eNkantolo yeMantshi eNdwedwe.

Previous articleUbhekwe ngabomvu umhlangano wokuqala wePhalamende laseNingizimu Afrika
Next articleAkuzethusi ezothisha ukuhlongozwa kwenyunyana edlelana neMK