Kuvalwe amaHhovisi kuMasipala obezokhononda eshisa amathayi

553

UNkk Dlamini uthi kusukela ngo-2017 ehlukumezeka kuthiwa ukweleta imali yama-rate

TSEPO MOLEFE

KUSUKE esinamathambo ngoLwesibili kwahlehla abantu abebeyokhokhela ama-rate e-AS Chetty Building kuMasipala waseMsunduzi, eMgungundlovu kugasela owesifazane oneminyaka ewu-65 eveva yintukuthelo, washisa amathayi phambi komnyango waleli bhilidi ekhala ngokuqolwa wumasipala njengoba ethi umfuna u-R33,721,04 okuthiwa ngowama-rate

Kuphoqeleke ukuba kuvalwe amahhovisi okwesikhashana ngenxa yentuthu ebisivimbanise kuleli bhilidi nomsindo obubangwa ngu-Nkk Thandiwe Dlamini ohlala ku-Holiday Street enkabeni yaleli dolobha, obevutha engabaselwe, efuna ukukhuluma ngqo neMeya yaseMsunduzi, uMnu Mzimkhulu Thebolla. 

UNkk Dlamini uthi kusukela ngo-2017 akahleli ngokukhululeka emzini wakhe ngoba kazipheli izinyanga ezimbili enganqanyulelwa-nga ugesi namanzi. Kungenelele onogada bakamasipala abacishe amathayi bahola uNkk Dlamini bamfaka ngaphakathi kula mahhovisi okuphele ihora lonke evaleleke khona. 

Ekuphumeni kwakhe, ubenengxoxo neLANGA khona egcekeni lakwamasipala,  elilandisa ngokukhathazeka kwakhe. Uthe ubesehlulekile wukubekezela, yingakho eze wahlela ukuyoshisa amathayi ehamba yedwa ukuze ezonikwa indlebe ngabasemandleni. 

Uvezele ILANGA isitatimende sokugcina sangoNcwaba (August) nonyaka lapho ethi ukhokhe khona u-R500, kodwa wachithwa etshelwa ukuthi  kumele ngabe ukhokha u-R1 924.52 ukuze aphungule lesi kweletu sakhe. 

“Kusukela ngo-2017 ngihlukumezeka, kuthiwa ngikweleta umasipala. Okuxakayo bayafika bawuvale ugesi namanzi, kodwa isikweletu siqhubeke nokukhula naphezu kokuba bengingazisebenzisi lezi nto abazivalile. Izingane zami nabazukulu sebehlukumezeke kakhulu njengoba kukhona abafunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, okumele batadishe nsuku zonke. 

“Kangiqali ukufika lapha kwamasipala ngizobika kodwa nginganakwa. Namhlanje ngithe mangenze into engingeke ngizisole ngayo njengoba ngifike namathayi nganameka nezingqwembe othangweni lwaleli bhilidi ukuveza intukuthelo yami. Besengithathwa njengohlanya uma ngizobika, kodwa namhlanje kuthe uma bebona intuthu kwatatazela bonke abantu ngaze ngafakwa emahhovisi engangingakaze ngizicabange ngingaphakathi kuwona. 

“Sixoxile nabo bathembisa ukululandelela udaba lwami, babheke nokuthi lesi sikweletu siqhamukaphi ngoba kangikaze ngeqiwe yi-nyanga yokukhokha futhi kanginazo izinto ezisebenzisa ugesi namanzi kakhulu, osekungaze kuthiwe ngikweleta le mali,” kusho uNkk Dlamini. 

UMnu Zazi Nxele okhulumela ihhovisi lemeya, uthe bazolulandela uda-ba lukaNkk Dlamini, wacela nabantu abanezikhalo ukuba ba-xhumane namakhansela emawadini abo uma besindwa wukukhokha izikweletu zabo. 

“Udaba lukaNkk Dlamini siyethemba ukuthi ithimba eliqondene nalo lizolubheka ngokucophelela, kutholakale ukuthi izinkomishi zi-phambane kuphi ngesikweletu sakhe. 

“Ihhovisi lemeya linewindi elilivulile likashwele kulabo abaye ba-zithola besindwa ama-rate ngesikhathi sokugonqa ngenxa yokubheduka kweCoronavirus. 

“Sikhuthaza abantu ukuba basebenzise amakhansela ukuze abalekelele ukuthola usizo lukashwele ngoba siyasiqonda isimo abantu ababhekene naso. abanye balahlekelwe yimisebenzi, abanye kwehliswa izinsuku zabo zokusebenza,” kuphetha uMnu Nxele. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleUtholwe esefile obesolwa ngokweba
Next articleIphoyisa lilokhu liwaphike njalo amacala okubulala izihlobo