NTOMBI KHUMALO
KUKHALA ibhungane emtholampilo wasoQaqeni, KwaMaphumulo, ovalwe ngoLwesibili olwedlule emuva kokuba elinye lamanesi asebenza kuwona kutholakale ukuthi line-coronavirus.
Ngokusho komthombo weLANGA osebenza kulo mtholampilo, leli nesi likhombise izimpawu zomkhuhlane sekusondele impelasonto yokuphela kukaNdasa (April), emuva kwalokho lahamba layobonana nodokotela walo.
Udokotela ulihlole leli gciwane.
“Litsheliwe ukuthi imiphumela yalo izobe isilungile ngoMsombuluko (27 April). Nebala ibuyile imiphumela kazakwethu yakhomba ukuthi uhaqekile.
“Ube esesazisa ngalezi zindaba emtholampilo, abaphathi bebambisene nabomnyango banqume ukuba uvalwe umtholampilo ngoba kuningi okumele kwenziwe ngaphambi kokuba uphinde ulungele ukusetshenziswa,” kusho umthombo.
Uthi zonke izisebenzi ezilinganiselwa ku-25 zalo mtholampilo zibe seziyohlaliswa ngazodwana (quarantine) ekhaya labadala KwaMasikane, khona KwaMaphumulo.
“Kuthiwe sizohlala lapha izinsuku eziwu-14 ukuze kubhekwe ukuthi ngaphandle kwalo zakwethu ohaqekile kabekho yini abanye abasulelekile. Sesihloliwe sonke, kumanje silinde imiphumela yethu. Uzakwethu yena uyelashwa esibhedlela iNtunjambili,” kusho umthombo.
Ukuvezile ukuthi nakuba behlaliswe ekhaya labadala, kodwa kababhanqiwe nabadala, bahlaliswe emabhilidini ahlu-kene.
Uthe kula masonto amabili abazowachitha KwaMasikane, umtholampilo wabo uzobe uhlanzwa (sanitization) kwenzelwa ukuba ukulungele ukusetshenziswa uma sekutholakele ukuthi bakulungele ukubuyela emsebenzini.
“Nozakwethu lo oseNtunjambili siye simbheke ngomakhalekhukhwini ukuthi uzizwa enjani. Kusinika ithemba ukuthi uthi uya ngokuya elulama, okusho ukuthi emuva kwala masonto abekiwe uzophuma esesindile, okuyinto ezosijabulisa kakhulu,” kusho umthombo.
Uthi okwamanje kusenzima ukuqagula ukuthi ngabe uzakwabo ulitholephi leli gciwane, kodwa bayasola ukuthi ulithole khona emtholampilo kwesinye seziguli abezisiza.
Uveze nokuthi abasondelene nabo kakhulu emindenini yabo, nabo seluqalile uhlelo lokuthi bahlolelwe leli gciwane futhi sesenziwe isaziso esibiza wonke amalungu omphakathi wasoQaqeni ake aya kulo mtholampilo kusukela mhla ka-6 kuya kumhla ka-24 April ukuba anikele emitholampilo engomakhelwane ukuze ahlolwe ukuthi kawasulelekanga yini nge-coronavirus.
“Le mitholampilo yisoTimati Clinic, ngaseKhazimula ezitolo, kanjalo neMaphumulo Clinic eduze kwaseSpar.
“Umphakathi kuthiwe mawusebenzise yona futhi le mitholampilo uma udinga usizo olujwayelekile lwezempilo,” kuchaza lo mthombo.
Elinye inesi lasoTimati elicele ukuba igama lalo ligodlwe likuqinisekisile ukuthi sebeqalile bayabona ukwanda kwesibalo samalungu omphakathi wasoQaqeni aya emtholampilo wabo eyofuna usizo.
“Sithukile ngoba sekusicacele ukuthi leli gciwane likhona lapha eduze. Sekuyikho nje ukuthi umuntu aqinisekise ukuthi usebenzisa izifonyo nezibulalamagciwane (sanitizers) ukuze azame ukuzivikela,” kusho inesi lasoTimati.
INtunjambili yisibhedlela esihlonzwe wuMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukuba silaphe zonke iziguli ezine-coronavirus ngaphansi kukaMasipala wesiFunda iLembe.
Kuke kwasuka umsindo ngalesi sibhedlela emasontweni amabili edlule, umphakathi osakhele ubhikisha uthi kawubadingi abanaleli gciwane kusona.
Nokho umphakathi ubuye wehlisa umoya emuva kwesikhashana.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Noluthando Nkosi, uthe uyaqala ukuyizwa eyokuthi kukhona inesi elihaqekile oQaqeni, kodwa uzolandela imigudu efanele ukuthola kabanzi ngodaba.