Kuvela ezimnandi ngonozinti weChiefs

1621

Seziqalile izinhlelo zokuvuselelwa kwenkontileka

UNozinti weKaizerChiefs uDaniel Akpeyi

SENZO SOKHELA


EZIMNANDI kumdlali weKaizer Chiefs njengoba kuvela ukuthi abaphathi bavumelane ngokuthi anikwe inkontileka entsha. Inkontileka kaDaniel Akpeyi (35) ovimbela iChiefs iyaphela uma kusongwa isizini. IChiefs ibingakaziqali izingxoxo nalo nozinti odabuka eNigeria. Nokho leli phephandaba lithole ukuthi izikhulu zeChiefs zinqume ukumnika enye inkontileka lo mdlali. Umthombo waleli phephandaba uthe: “IChiefs isilinde ukuthi u Akpeyi abuye kwi-Africa Cup of Nations eseCameroon njengoba eyomela iNigeria bese iqala izingxoxo zokwelulwa kwenkontileka yakhe.


“Ngenxa yeminyaka yakhe yobudala kuthiwa ifuna ukumnika eyonyaka kodwa ezoba nesivumelwano sokuyelula ngomunye unyaka. “ULee Baxter ololonga onozinti beChiefs ugculisekile ngendlela enza ngayo u-Akpeyi nangendlela nje aziphatha kahle ngayo ngaphandle kwenkundla. “Bamthandela ukuthi uyawuhlonipha umsebenzi wakhe, ngeke umthole ebalwa ezintweni ezibhedayo ezehlisa isithunzi sekilabhu,’’ kusho lo mthombo. Leli phephandaba libuza uVina Maphosa wezokuxhumana kwi-Chiefs ngalolu daba uthe: “Sisalinde ikilabhu ezintweni ezithinta izinkontileka nezinye izinto,’’ kusho uMaphosa.

Previous articleUsizi ngomuke wafa eyongcwaba umfowabo
Next articleUtshwala bunomthelela ezibalweni zabafayo nokugcwala ezibhedlela