Kuvela isithiyo ngoManyama

487

Uhola itshe lemali ekubeni ulimala njalo kwiChiefs

SENZO SOKHELA
KUVELA izindaba zokuhlukana phakathi kwezikhulu zeKaizer Chiefs ngodaba lukaLebohang Manyama (31) okuvela ukuthi uphelelwa yinkontileka uma kusongwa isizini. Lo mdlali wasesiswini ujoyine iChiefs ngo-2018 esuka kwiKanyaspor yaseTurkey. Nokho selokhu efike eziMpofaneni ubengakaze enze izimanga aziwa ngazo kwiCape Town City, ezenze waqokwa njengomdlali ovelele wesizini ngaphambi kokuba alibhekise eTurkey. Leli phephandaba lithole ukuthi izikhulu zeChiefs zihlukene phakathi ngodaba lwalo mdlali njengoba inkontileka yakhe iphela uma kusongwa isizini.


Umthombo waleli phephandaba oncikene neChiefs, uthe: “UManyama ungomunye wabadlali abaphelelwa yinkontileka uma kusongwa isizini. Udaba lwakhe lwehlukile ngoba izikhulu zihlukene phakathi ngesimo sakhe. “Kukhona ezifuna yelulwe inkontileka yakhe kuzoba khona ezithi makakhululwe. Kukhalwa kakhulu ngokuthi uhola itshe lemali kodwa akayisizi ngalutho ikilabhu. Ngaphandle nje kwalokho, kukhalwa nangokuthi isikhathi esiningi uhlale elimele. “Ikusasa lakhe kalicaci kahle kwiChiefs kodwa kuzobonakala uma kuvulwa ngoMsombuluko (namuhla) ngoba yilapho okuzoqala khona umsebenzi.”


UVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs ukubeke kwacaca kuleli phephandaba ukuthi basavalile izindaba ezithinta ikilabhu bazokhuluma ngazo uma kuvulwa. UMaimane Phiri ophethe izindaba zikaManyama, ulwela impilo yakhe esibhedlela njengoba kuthiwa wadutshulwa ngasekupheleni kukaZibandlela (December) esendaweni yakhe yokucima ukoma. Nokho kuthiwa uyalulama emuva kokuhlinzwa.

Previous articleUGCOTSHWE KWESOBUFUNDISI UHLENGIWE MHLABA
Next articleKuzohlomula osomabhizinisi bendawo ngezinhlelo zemeyaIthi