Kuvela nabakwaGcaba ekubulaweni kuka-AKA

103

THANDOLUHLE NGUBO

KUVELE igama lika somatekisi odumile KwaZulu-Natal uMnu Mfundo Gcaba njengowakhokhela uMnu Mziwethemba Gwabeni, ongumsolwa wesine ecaleni lokubulawa kwesihlabani se-Hip Hop, u-Kieran ‘AKA’ Forbes nomngani wakhe uTebello ‘Tibz’ Motsoane uR800 000. Lokhu kuvele ngoLwesithathu eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngesikhathi umshushi wecala uMnu Elvis Gcweka efunda incwadi efungelwe yomphenyi waleli cala uMnu Bob Pillay.

UPillay uthi bakwazi ukubamba laba basolwa ngobufakazi obuhlanganisa ama-rekhodi ezincingo, ama-tracker ezimoto kanye nezithombemnyakazo (Videos) ze-CCTV. Uthi ama-rekhodi ezincingo zika-Gwabeni akhomba ukuthi washayela inombholo exhumene negama lika-Gcaba.

“Ama-rekhodi ezincingo zikamsolwa wesine, akhomba ukuthi washayela inombolo exhumene negama lika Mnu Sydney Mfundo Gcaba ngaphambi kokuba kufakwe imali engango-R800 000 kwi-akhawunti yakhe. Ngemuva kwesikhashana eshaye lolu cingo kwabe sekungena isamba semali ewu-R803 455 kwi-akhawunti yakhe. Le mali yayiphuma kwinkampani i-Bright Circle Pty Ltd. Ngokwama-rekhodi ale nkampani uMnu Sydney Mfundo Gcaba unguMqondisi wayo. Kwi-reference yale mali kwakubhalwe ukuthi consult ukuze kulahleke umkhondo womsebenzi okhokhelwayo. Mina nethimba lami sisaphenya kabanzi ngalokhu ukuze sithole umnyombo walokhu kanye namanye nezinye izinkokhelo ezakhokhwa ngesikhathi kuhlelwa noma sekwenziwa lawa macala,” kufunda uGcweka.

Eqhuba uGcweka uthi abasolwa babe sebekhokhelwa ngemuva kokubulala laba ababili, yize babeqonde u-AKA. Uthi Gwabeni wabe esekhokhela labo aboshwe nabo, nezelamani zakwaNdimande ezimbili eziyamaniswa naleli cala, eziboshwe eSwazini. Kuvele ukuthi uGwabeni wabe esekhokhela izingane zakhe esikoleni imali ewu-R90 000. Le ncwadi iphinde iveze ukuthi ama-rekhodi ezincingo akhomba ukuthi ummangalelwa wokuqala uLindokuhle Mkhwanazi, owesihlanu uLindani Ndimande, nowesine uGwabeni babesedanweni ekwabulawa kuyo u-AKA ngesikhathi abulawa ngaso.
Utshele inkantolo ukuthi inhloli eyayihlezi iqaphe okwenziwa ngu-AKA ngesikhathi esendaweni yokudlela i-Wish, kwakungusolwa wesihlanu uLindokuhle Ndimande njengoba kuvele ukuthi ikhadi lakhe lakwa-Standard Bank, lathenga ukudla kule ndawo ngalo usuku lwesigameko. UGcweka uthi omunye wezelamani zakwaNdimande eziseSwatini usolwa ngokuthi nguye owadubula uAKA.

“Isitatimende sikafakazi wombuso siveza ukuthi uMalusi Ndimande (omunye walaba abaseSwatini) uye owadubula umufi wokuqala (u-AKA).
Kule nkantolo kuphinde kwadlalwa izithombemnyakazo zokubulawa kuka-AKA, kanti ngesikhathi zidlalwa uyise uMnu Tony Forbes akazibonanga njengoba efihlwe ngabaqaphi bakhe. Leli cala lizobuyela enkantolo ngomhlaka 2 kuMbasa (April) nonyaka.

Previous articleKukhalwa ngenhlalo engeyinhle kushiya abeGagasi FM
Next articleUqaqwe esezihengile umyeni kadokotela obulewe