Kuvela okushaqisayo ngempunyela ebulawe ngamaphoyisa

775

INTATHELI YELANGA

KUVELA okushaqisayo ngempilo ngenkinsela yaseRichards Bay, edutshulwe yabulawa ngamaphoyisa  ngoLwesithathu olwedlule eZimbali, eBallito.

    Kubikwa ukuthi uMnu Nkululeko Mkhize (30) (osesithombeni) waseMzingazi, eRichard’s Bay, udutshulwe ngamaphoyisa okuthiwa abemlandela ngesigameko sokubulawa kwabantu abawu-5, esenzeke ngoLwesibili olwedlule eRichards Bay. 

Kuthiwa ushone nonogada wakhe, uMnu Sabelo Cele.  

Isigameko sokubulawa kwabantu abawu-5, kusolwa ukuthi sihlobene nokudayiswa kwezidakamizwa. 

Ngokwesitatimende samaphoyisa, angene endlini, abingelelwa yizinhlamvu ziqhamuka endlini kaMnu Mkhize, abe esephindisela, okuholele ekutheni badubuleke, bashonela endaweni yesigameko bobabili. 

Kubikwa ukuthi kube sekutholwa izibhamu eziwu-6 nezinhlamvu ezingaphezulu kwenkulungwane, okungekho emthethweni. 

UMnu Mkhize obaziwa ngokuphila impilo ewubukhazikhazi, uzakhele udumo ngesikhathi ekhehla ingoduso yakhe ngo-R1,5 million. Ubengusomabhizinisi futhi enamatekisi ahambela eRichards Bay. 

Umthombo ongaphakathi emaphoyiseni, uhlebele leli phephandaba ukuthi uMnu Mkhize ubengaphili impilo eqondile njengoba ubehlale esolwa ezintweni eziningi kuhlanganisa nezokubulawa kwabantu, aziwa njengesiqhwaga esesatshwayo. 

  Kuthiwa ngaphambi kokuba acebe, ubesebenza njengonogada, egada enye impunyela eRichards Bay, eyayidume ngokuba yisiqhwaga nayo, okwathi ekubulaweni kwayo, kwabe sekuphakama yena. 

“Lo muntu owayemgada wayevame ukukhokhisa osomabhizinisi imali egameni lokubaqapha. UMkhize uqhubeke ezinyathelweni zakhe,” kusho umthombo.

Ezinkundleni zokuxhumana, abantu babonakale behlukene phakathi, njengoba bekukhona abadlulisa amazwi enduduzo, kanti abanye bebeshayela amaphoyisa izandla ngalokhu. 

Esitatimendeni samaphoyisa, uCol Robert Netshiunda uveze ukuthi abe-Independent Police Investigative Directorate (IPID), okuwuphiko oluphenya amacala enziwe ngamaphoyisa, lufikile endaweni yesigameko. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka. Kusathungathwa nabanye 

abasolwa. (Lolu daba luphume ephephandabeni ILANGA Lempelasonto)

Previous articleI-CPF ibambe “izigebengu” nezibhamu ezingekho emthethweni
Next articleBasazothwala kanzima abathengi ngenxa yentengo kaphethiloli