Kuvela okushaqisayo ngokufa kukaMeyiwa

777

Isitatimende somphenyi sithi konke kwakuhleliwe

INTATHELI YELANGA

SIVEZA okushaqisayo ngokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neqembu lesizwe likanobhutshuzwayo laseNingizimu Afrika, isitatimende esifungelwe somphenyi ohamba phambili kuleli cala njengoba sithi empeleni kwakuhleliwe ukubulawa kwakhe, hhayi ukuthi kwakumane kuwubugebe-ngu nje. 

UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kanina wengane yakhe ongumculi, uKelly Khumalo, eVosloorus mhlaka-26 kuMfumfu (October) ngo-2014. Ngokubika kweNews24 lesi sitatimende sikaCol Bongani Gininda oyinhloko yabaseshi abaphenya amacala okubonakala esekwangqingetshe ngenxa yokungaboshwa kwabenzi bokubi kuvela ukuthi sabhalwa sasayinwa ngoMfumfu wangonyaka odlule, kanti yiso esase-tshenziswa ukuze kuboshwe uMuzikawukhulelwa S’tembu Sibiya, uBongani Sandiso Ntanzi, uMthobisi Prince Mncube, uMthokoziseni Ziphozonke Maphisa noSifisokuhle Ntuli. 

Ngokubika kweNews24, uCol Gini-nda uthi: “Ngokophe-nyo oluholele ebufakazini obufungelwe, kwakungekhona ukuthi umufi wadubuleka ngoba kubanjwa inkunzi,” kusho yena. 

Ubufakazi obufungelwe buveza ukuthi abasolwa abawu-5 okuyimanje babhekene namacala ahlukene yibo abahlangana, bahlela ukubulawa kukaMeyiwa, nokho kabuvezi ukuthi ngubani ungqondongqondo kulokhu. 

Uphiko lwabashu-shisi luthi selubuhlanganisile ubufakazi obunamandla obuninda abasolwa kulolu daba. 

Kuvela ukuthi ngo-Nhlangulana (June) wangonyaka odlule, uSandiso walivuma kwaze kwaba kabili icala, wavuma ephoyiseni nasemantshini. 

“Umsolwa walivuma icala ephoyiseni ngomhla ka-19 kuNhlangulana wangonyaka odlule, waphinde walivuma futhi ngesikhathi ehamba nommeli wakhe phambi kwemantshi eNkantolo yaseBoksburg mhlaka-24 kuwona uNhlangulana.” 

Elinye iphoyisa elisondelene nokuphenywa kwaleli cala, elicele ukungavezwa, lithe uSandiso wayefuna ukuphenduka ufakazi wombuso ukuze athole isigwebo esilula. 

“Uphiko lwabashushisi lwanqaba ngoba wayefuna ukudonsa iminyaka ewu-5,” kusho leli phoyisa. Ngokusho kwesitatimende esifungelwe, uSandiso nguye owakhomba uMthobisi ukuthi naye uyaba-ndakanyeka kuleli cala. 

“Nguye owachaza ukuthi uMncube ubandakanyeka kanjani kuleli cala. Kwabesekuvela ukuthi umsolwa lona vele uyisiboshwa esidonsa udilikajele ngecala lokubulala alenza ngawo u-2014. 

“Ukuhlonzwa kwezinhlamvu kwaveza ukuthi yisibhamu esisodwa esasebenza kulezi zigameko zombili.” 

Isitatimende sikaCol Gininda siqhubeka siveze izithombe ezatholakala kumakhalekhukhwini kaMthobisi egqoke izingubo ezifanayo nokuthiwa zazigqokwe ngosolwa ngokubandakanyeka ecaleni lokubulawa kukaMeyiwa. 

Siveza nokuthi uSifisokuhle uthi umsebenzi lona bawenza ngemoto yomunye ohlala ehostela laseVosloor-us, eyabonakala kule ndawo ngesikhathi kwenzeka isigameko. 

“Umsebenzi wakhe kwakuwukugada ngesikhathi kwenziwa umsebenzi ukuze kube nemoto yokubaleka uma sewenziwe,” kusho isitatimende. 

Kuvela ukuthi ukubulawa kukaMeyiwa kwahlelwa ehostela laseVosloorus, siveza nokuthi abasolwa bayizinkabi ezaziwayo vele njengoba bebandakanyeka ekubulaweni kwabantu ematekisini. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleBasola ukuphekwa komphumela weBafana
Next articleOkamsakandi uzohlanganisa amaciko akwaZulu nawakwaXhosa