Kuvele eyenkohlakalo yamathenda kumiswa izisebenzi ngokusha kwephalamende

126

INTATHELI YELANGA

IPHALAMENDE laseNingizimu Afrika seliveze ukuthi limise izisebenzi eziwu-9, emuva kophenyo mayelana nokuthinteka kwazo odabeni lokusha kwengxenye yesa-khiwo sephalamende ngoMasingana (January) 2022. 

Ngemuva kwalo mlilo, uSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula noSihlalo weNational Council of Provinces (NCOP), uMnu Amos Masondo, bacela umqingo ophelele ngokwenzeka. Baqasha nabacwaningi. 

NgoMfumfu (October), uNobhala wePhalamende, uMnu Xolile George, wethule umbiko, kodwa wanganekelwa umphakathi.

Manje sekuvela ukuthi ngesikhathi kuphenywa, kwatholalaka ukuthi ukube onogada ephalamende babengavunyelwanga ukuhlaba ikhefu ngesikhathi samaholide kaKhisimusi, ngabe kalishanga iphalamende. Njengamanje amabhilidi ephalamende ayalungiswa ngemali elinganiselwa ku-R2 billion

Umbiko kaGeorge, uveza nokuthi kunezisebenzi okumele zithathelwe izinyathelo ngokuhluleka wukwenza umsebenzi wazo; okuwukuqinisekisa ezokuphepha nokusungula ikomiti elibhekelele ezokuphepha. 

Ngenyanga edlule, uGeorge – oqashwe kulesi sikhundla ngoNhlangulana (June) – uthe uthole imibiko ebeyiveza ukuthi ngesi-khathi kuqashwa izimeneja ezithile (ephalamende), kakulandelwanga imigudu efanele. 

Kuvele nokuthi ukukhishwa kwamathenda bekungenziwa ngendlela efanele. 

NgoMgqibelo iphalamende liveze ukuthi uphenyo lwangaphakathi – ngokwenzeka ngonyaka odlule kuze kusha iphalamende – luveze ukuthi kunezisebenzi ezaba budedengu, zangawenza umsebenzi wazo ngendlela. 

“Ngenxa yobucayi bale mibiko evelayo, kuphoqe ukuthi izisebenzi eziwu-9 zephalamende, zimiswe kusaqhutshekwa nophenyo. Zizoqhubeka nokuhola, zithole yonke imihlomulo ezifanele kuze 

kuphele uphenyo,” kusho uMnu Moloto Mothapo okhulumela iPhalamende. 

Kuzokhumbuleka ukuthi kwavela ukuthi iphalamende lashiswa nguMnu Zandile Mafe owabekwa icala lokushisa nelobushokobezi. Kumanje ugcinwe esitokisini njengoba kuke kwaba nogingqigongqo wokuthi ngabe ukulungele yini ukuma ebhokisini ngenxa yesimo sakhe somqondo. 

NgoMandulo (September), ummeli wakhe, uLuvo Godla, watshela iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, ukuthi ikilayenti lakhe likulungele ukuma ebhokisini, yize lase lichithwe yimibiko yochwepheshe ababili bezengqondo.

Previous articleIvame ukuba wukhondolo imikhuba ebatshazwa ezizukulwaneni ezithile
Next articleKukhalwe ngoqhibukhowe bamajoyinti izigebengu zigqekeza izikole