Kuvele ezinye izisulu zomgwaqo “okukhonjwe” kuwona ungqongqoshe

308

INTATHELI YELANGA

UVELE uyisikhowe sezigilamkhuba udedangendlale wengxenye yomgwaqo owuthelawayeka, u-N3 – phakathi kweLeondale, eKurhuleni nedolobha iHeidelberg – lapho uNgqongqoshe wezokuThutha, uSindisiwe Chikunga (osesithombeni) nethimba lakhe bebanjwe khona inkunzi ngeledlule. Bakhonjwe ngezibhamu ngamadoda abehlome ethe shi, ngesikhathi onogada bakhe besematasa beshintsha ithayi emuva kokuba imoto yabo inyathele okuhlabayo (spikes) ngabo-04;00, ngoMsombuluko odlule.

Kuvela ukuthi izinswelaboya zimandla ebusuku kule ndawo. 

Kubikwa ukuthi zisebenzisa izimoto ezinamalambu aluhlaza – avame ukusetshenziswa ngamaphoyisa – ukuyenga abashayeli ukuba bame. Kwesinye isikhathi zisakaza izinto ezihlabayo emgwaqweni ukuze kuqhume amathayi ezisulu.

Ngeledlule, izisulu ezintathu zitshele elinye iphephandaba lesiNgisi ukuthi kazisindanga kule migulukudu, kanti-ke amaphoyisa avele azithela ngabandayo ukulandela umkhondo wezigebengu. Esinye sezisulu kubikwa ukuthi sihlale izinsuku ezintathu egunjini labagula kakhulu (esibhedlela), emuva kokuqongqothwa ngevolovolo ebusweni. Kubikwa ukuthi sekuneminyaka amaphoyisa aseGauteng ayetha elenxuluma lemigulukudu le ngxenye ka-N3, kanti sekunesikhathi ethi makugxunyekwe amalambu kuyo. Kuyaziwa ukuthi uN3 uwumthambo obalulekile emnothweni weNingizimu Afrika njengoba impahla esuka echwebeni leTheku iya ezifundazweni eziphakathi nezwe, ihamba ngawo. Unjalo nje, kuwona kuhamba izimoto ezingaphezu kuka-13 500 ngosuku – njengoba uhlanganisa iTheku neGoli – kanti uma kuyizikhathi zamaholide kaKhisimusi, isibalo siyanda njengoba zilinganiselwa ku-1 600 ezidlula kuma-toll gate ngehora. UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele, utshele iSunday Times ngeledlule ukuthi le nzukazikeyi yokugcwelezwa kwabantu kuhlonyiwe kuN3, yinto entsha. Uthe akwaziyo okuvamile, okwabantu abahlwanyela izinto ezihlabayo emgwaqweni nabajikijela izimoto ngezitini ebusuku – wathi eyezinswelaboya ezisebenzisa izimoto ezinamalambu aluhlaza uyayiqabuka, akakaze atshelwe ngayo.

Previous articleIthemba le-IFP ngengqunguthela yayo yemigomo
Next articleKumqoka uhlolelwa umdlavuza wamankwahla kwabesilisa