Kuvele inkinga yebhuloho kuhlehla izivivinyo

171

PHUMLANI GAMA

BAPHOQELEKE ukuhlehlisa ukubhalwa kwezivivinyo ngoLwesine othisha bezikole ezimbili zasoPhaphasi, KwaHlabisa, ngenxa yokugcwala komfula, iWela – okugcina amanzi awo anqamule phezu kwebhuloho. 

ILANGA lihambele kule ndawo liyozibonela usizi olubhekana nabafundi nothisha abawela lo mfula. 

Kuvele ukuthi ngoLwesibili nangoLwesithathu abafundi bamabanga angaphansi kuka-grade 12 eSibongasonke High School nabaseMayakaza Primary, kababhalanga ngenxa yokugcwala kwalo mfula. 

Kuthiwa sekuphele iminyaka umphakathi wakule ndawo ubhekene nale nkinga. 

ILANGA lifike kulo mfula kunemoto yenkampani ephehla ugesi, ebibhajwe osebeni, izama ukuwela. 

Umthombo ongaphakathi eSibongasonke, uthi kuba nemihlangano minyaka yonke nabazali babafundi bakamatikuletsheni kulesi sikole, ukubacela ukuba benze izinhlelo zokufunela izingane zabo izindawo zokuhlala eziseduze nesikole ukuze zingaphazamiseki uma kwenzeka lina, kubhalwa izivivinyo. 

UMnu Bhekinkosi Ngubane oyilungu lekomidi lekhansela lendawo, uveze ukuthi baningi abantu abadala nezingane esezike zaba yizisulu zokumuka kulo mfula. 

“Likhona ibhuloho elakhiwa wuhulumeni obusayo, kodwa wavele watheleka ngehlazo ngoba lavele lamuka nomfula kungakapheli ngisho unyaka lakhiwe,” kusho uMnu Ngubane.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha ukuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Kwanele Ncalane, ucele ukuthunyelelwa imininingwane ngalolu daba. 

Uthe lo mnyango wenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi umphakathi wakulesi sifundazwe uhlinzekwa ngamabhuloho asesimweni esigculisayo. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleKubikwa ukwehla kwezibalo zabangasebenzi
Next articleBashaya amakhala ngokuboleka kweTheku u-R1.5 billion