Kuvuka iminjunju kowashonelwa yingane imuka nomfula

221

TSEPO MOLEFE

KUVUKA iminjunju kuyise wenye yamanto-mbazanyana amuka nomfula eBulwer nyakenye uma ebona umfula iNdluzela – okwashona kowona ingane yakhe – udla izindwani ngesikhathi izingane zisesesikoleni zibe ziphoqelekile ukuwela kuwona.

ILANGA labika ngalesi sigameko. UMnu Bheki Cele onguyise kaNqobisani Macinga owashona kulesi sehlakalo, uthi iba buhlungu inhliziyo yakhe uma ebona umfula okwamuka kuwona indodakazi yakhe ugcwala, izingane zingakabuyi. 

Kuleso sigameko kwashona noMbali Nzimande owayehambe noNqobisani. 

   UMnu Cele utshele ILANGA ukuthi namanje akuvumi ukuba amukele ukuthi indodakazi yakhe ngeke aphinde ayibone. 

Uthe kusanda kwenzeka isigameko, babethenjiswe ukuthunyelelwa osonhlalakahle abazoluleka le mindeni yomibili ngokomqondo, kodwa lutho.

“Izisebenzi zehhovisi lowayengundunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, zathatha amakhophi ethu nawezitifiketi, zathembisa uxhaso lukahulumeni esizoluthola. 

“Ngifisa uhulumeni wakhe ibhuloho eNdlu-zela ngoba miningi imiphefumulo esazolahleka ngokugcwala komfula,” kusho uCele.

UMnu Vusi Mthembu oyikhansela ku-ward 12, uthe ikhona imizamo ayenzayo njengomholi wendawo mayelana nokwakhiwa kwebhulohoa. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleIsikhuni sibuye nomkhwezeli kubasolwa “abadubule” amaphoyisa
Next articleInkosi iphumela obala ngokuqokelwa kwesikasihlalo weNgonyama Trust