Kuvuke elinye icala “enkosini” esolwa ngokudlwengula isihlobo

244

PHUMLANI GAMA

INCISHWE ibheyili kwavuka icala elidala  “inkosi” yakwaHlongwane, eBergville, eboshelwe icala lokudlwengula isihlobo sayo. 

Ngeledlule, iNkantolo yeMantshi yaseBergville incishe uMnu Mlungisi Hlongwane (52), ibheyili maqede kwavuka icala lokwephula imibandela yokudedelwa kwayo ngoshwele. UHlongwane washaqwa ngamaphoyisa ngenyanga edlule ekubo. Kuthiwa ukuboshwa kwakhe kwadalwa wukuthi wabanjwa oqotsheni yilungu lomndeni esembhedeni nowesifazane osemncane oyilungu lomndeni, bobabili bengagqokile.

Kubikwa ukuthi akaphendulanga ngesikhathi ebuzwa ukuthi kungani egila lo mkhuba, kunalokho isisulu satshela ingxenye yozalo ukuthi sekuphele unyaka umsolwa esigila, maqede asesabise ngokuthi uzosibulala nonina uma sike sayithi vu le ndaba.

Umsolwa uyinkosana yeNkosi uTshanibezwe Hlongwane, engasekho. Akakaze aphakanyiselwe esihlalweni ngesizathu sokuthi waboshwa, wagwetshwa kusekhona uyise. Isihlalo sanikwa umfowabo uMenzi Hlongwane ukuba asibambe kuze kube sibuyiselwa kumnikazi waso uma esephumile ejele. Kwenzekile lokho. 

Ngenxa yomthetho olawula ukuziphatha kwamakhosi, umsolwa ubengenalo ilungelo lokuphatha lesi sihlalo okuyisizathu esenza ukuba aphakamise indodakazi yakhe ukuba isibambe. 

Ngesikhathi umsolwa evele enkantolo, ima-ntshi ithe uzoqhubeka nokulinda esitokisini kuze kube kukhishwa usuku lokuqulwa kwecala enkantolo yesifunda. 

Previous articleIkhehla (75) lifuna ukugijima imijaho ewu-30 yeComrades
Next articleIsexwayiso kwabanganelisekile ngemiphumela yokhetho