Kuvuke iminjunju eqhaweni lamaBhakaniya

410

UChaine ubonge uNkulunkulu eqokwa njengomdlali ovelele

SENZO SOKHELA

KUVUKE iminjunju kumdlali we- Orlando Pirates eyisiza ivikela isicoco seMTN8 ihlula iMamelodi Sundowns ngo-3-1 wamaphenathi kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Umdlalo ubuphele zibambene ngo- 0-0. USipho Chaine ovimbela iBucs, ube yiqhawe evimba amaphenathi amathathu kulandelana. Kuzokhumbuleka ukuthi lo nozinti uke wanuka iqaqa kubalandeli beBucs bemsola ngokwenza amaphutha abenza kungene amagoli. Abalandeli baze balibeka ngesihloko elokuthi iBucs kufana nokuthi kayinaye unozinti. Kukhona konke lokho umqeqeshi uJose Riveiro ume naye, wamuvimbisa. Kwale ngisho iBucs isilanda uMelusi Buthelezi obengunozinti weTS Galaxy, waqhubeka wamufaka ezintini.

UChaine oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo kanti uvukwe yiminjunju njengoba ehluleke nawukuchaza ngakwenzile. “Ngifuna ukubonga uNkulunkulu, lonke udumo ngilunika Yena. Ube nami kunzima izinto zingahambi kahle wangangilahla. Kanginawo amazwi engingachaza ngawo indlela engimbonga ngayo. Okwenzekile nengikwenzile kangikukholwa namanje. Bekungewona umdlalo olula lona kwazise basanda kusehlula emdlalweni weligi. “Size kulo mdlalo sizitshelile ukuthi sifuna ukuphuma singabanqobi. Besizitshelile ukuthi ngisho kungenzekani kodwa sizophuma singabanqobi kulo mdlalo. Bengingacabangi ukuthi uNkulunkulu izinto ubehlele ukuthi zibe kanjena. “Siyababonga kakhulu abalandeli bethu abaphume ngobuningi babo, kanginawo amazwi,” esho. Uqhube wathi kunzima uma ecabanga emuva lapho esuka khona.


“Kunzima ngoba ngilana nje kunabantu abebengacabangi ukuthi ngingaba khona. Ngisengumfanyana waseBloemfontein, uhambo lwami belunzima, kakukholakali. Ngaso
sonke isikhathi uma ngiya ejimini ngiya ngenhloso yokuba ngcono. Okufanele ngikwenze wukubeka ukholo lwami kuNkulunkulu,” esho.

Previous articleMasiluhloniphe ulwandle, sengicishe ngabona inyakanyaka kusa nje
Next articleUBLACK COFFEE UHALALISELWE NGENGQOPHAMLANDO