Kuvuke iminjunju yokushonelwa konqobise iBanyana Banyana

283

UKgatlana wethemba ukuthi ukudlulela kwi-last 16 kuzojabulisa

USALE ehleli phansi ebuka ibhola enethini unozinti we-Italy, uFrancesca Durante, emuva kwegoli likaThembi Kgatlana (11) elinqobise iBanyana
Banyana. UKgatlana ubethole ibhola elixoxa indaba, abeliphaselwe nguHildah Magaia okwesokudla. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

NHLANHLA HUDLA

KUVUKE iminjunju yokushonelwa ngamalungu omndeni amathathu kuThembi “Pikinini” Kgatlana ongumgadli weBanyana Banyana oqobele igoli elifake leli qembu okokuqala ngqa kwi-last 16 yeNdebe yoMhlaba yeFifa yabesifazane eqhubeka eNew Zealand nase-Australia. IBanyana iqumbe phamsi i-Italy ngo-3-2 sekuvalwe amehlo njengoba igoli likaKgatlana lingene ngesikhathi sokumusa kanondweba (92). Kulo mdlalo amaNtaliyane abedinga iphuzu nje vo ukudlulela esigabeni somkhumulajezi, nokho kwagcina kuyiwona awasha ijezi. IBanyana ilale isibili kwiSweden eqede iqhwakele kwiGroup G, kwathi i-Italy yaba yisithathu, ibhuleki yabanjwa yi-Argentina edliwe yiSweden ngo-2-0 izolo. IBanyana izobhekana neNetherlands kowe-last 16 ngeSonto ngo-4 ekuseni.


Amagoli elakuleli kowe-Italy, abhajiswe ezintanjeni nguBernedetta Orsi ngomzuzu ka-32 – okube wumkhonto ogwaze ekhaya – uHildah Magaia ngoka-67 noKgatlana. Awe-Italy womabili ashaywe ngu-Arianna Caruso ngoka-11 kuyiphenathi nangoka-74. Ekhuluma emuva kwalo mdlalo uKgatlana, uthe: “Ngize kulo mdlalo ngingekho esimeni esihle ngokomqondo emuva kokulahlekelwa yizihlobo zami ezintathu. Nokho ngikhethe ukuqhubeka ngihlale nozakwethu ngoba ngifisa ukuba siqophe umlando ngokufaka izwe lethu esigabeni esilandelayo. “Ngijabule kakhulu ngomphumela esiwuthole kulo mdlalo, ngikholwa wukuthi ekugcineni sikwazile ukujabulisa abalandeli bethu. “Sigxekwe kakhulu ngokungakwazi ukunqoba emidlalweni yethu edlule. “Sihlale phansi sakhuluma singabadlali ngokumele sikwenze kulo mdlalo. “Besazi ukuthi uma sibagijimisa ngeke bakwazi ukumelana nathi. “Ngikholwa wukuthi lokho kusisebenzele kakhulu. Size kulo mdlalo singanikwe thuba, okwenze kwaba lula ukuthi sidlale ngokukhululeka.

Siwenzile umsebenzi ngokubambisana nozakwethu, okuyinto engijabulisa kakhulu futhi engikholwa wukuthi nasekhaya bajabule ngesikwenzile. “Wumdlalo wethu wokuqala siwunqoba (kwindebe yomhlaba), ngikholwa wukuthi uzonyusa ukuzethemba kithina njengabadlali. Sibe nalo ithuba lokunqoba kwemibili yokuqala kodwa sehluleka,” kusho lo mdlali oyisethenjwa kwiBanyana. Njengoba sebedlulele kwi-last 16, umdlali ngamunye usezogoduka no-R1, 14 million. Sekuwumlando ukuthi laba badlali bake bateleka bekhala ngayo inkece kwaze kwangenelela injinga yakuleli, uPatrice Motsepe. Imidlalo yamaqoqo esele yendebe yomhlaba kanjalo neye-last 16 iqhathwe kanjena:- NAMUHLA NGOLWESINE Korea Republic Women vs Germany Women 12h00; Morocco Women vs Colombia Women 12h00. NGOMGQIBELO Switzerland Women vs Spain Women 7h00; Japan Women vs Norway Women 10h00. NGESONTO Netherlands Women vs South Africa Women 4h00; Sweden Women vs USA Women 11h00. NGOMSOMBULUKO England vs Nigeria Women 9h30; Australia Women vs Denmark Women 12h30. NGOLWESIBILI Group H Winner vs Jamaica Women 10h00; France vs Group H Second Place 13h00.

Previous articleUfuna kungenelele umthethokucwila u-R160 000 eyothwala
Next articleIZA NEZINGUQUKO EZINTSHA IMPUCUZEKO YANONYAKA