TSEPO MOLEFE
ABENKOLO yobuKristu bakhala ngembobo evulekile ngokudlula emhlabeni koMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, abathi ibiyimele le nkolo futhi inesifiso sokuthi abantu bayiqonde futhi bayihloniphe.
Inhloko yamaSheshi eNingizimu Afrika, u-Archbishop Thabo Makgoba, ibhonge emswanini, yakhalisana nomndeni wakwaButhelezi ngokudlula kwenhloko yawo kanjalo nesizwe sonkana samaZulu njengoba uMntwana waKwaPhindangene ebengundunankulu waso.
Iphinde yabalula iqhaza elibalulekile ebelibanjwe nguMntwana ebandleni laseSheshi, kwazise ubengumshumayeli waseSt Mary’s Parish, eNkonjeni ngaphansi kweDayosisi yaseZululand.
“Egameni lomndeni wami nelomkhandlu wababhishobhi baseSheshi e-Afrika eseningizimu, sifisa ukudlulisa amazwi okudabuka ngefu elimnyama elisibekele
umndeni wakwaButhelezi ngalesi sikhathi, ngokudlula kwenhloko yawo seyineminyaka ewu-95.
“Ngaphandle kokuvelela koMntwana waKwaPhindangene kwezepolitiki nasesiZweni samaZulu, ubebambe iqhaza nasebandleni lethu kwazise ubengumshumayeli ogcotshiwe futhi eneqhaza alibambile emkhandlwini webandla.
“Ubeyilungu lethimba le-Order of Simon of Cyrene. Kwangathi umoya wakhe ungalala ngokuthula,’’ kusho u-Archbishop Makgoba.
USihlalo weKwaZulu-Natal Christian Council (KZNCC), umBhishobhi Nkosinathi Myaka – ohola amaLuthela aseSouth Eastern Diocese – uthe bewumkhandlu, bafe olwembiza ngokugoduka koMntwana waKwaPhindangene kwazise ubeyinqolobane ngenkolo yobuKristu.
Uthe isizwe sonkana samaZulu sisele nembobo okusazothatha isikhathi ukuthola umuntu ozoyivala, ngoba uMntwana ubenobuhlakani basezulwini.
“UMntwana ubeyinqolobane kwezomlando, ezenkolo, inhlalakahle yabantu bonkana nokunye okuningi. Ukuhamba kwakhe emhlabeni kushiye isikhala okumele njengesizwe sisebenze ngokuzikhandla ukusivala uma kuwukuthi siyovaleka.
“Nakuba sikhala ngokudlula kwakhe emhlabeni, kodwa simele wukumbonga uNkulunkulu ngenkonzo kaShenge yokuzinikela kwakhe ekuphathweni kahle kweNingizimu Afrika.
“Simbonile egqugquzela ubunye kubaholi bezepolitiki, kanjalo nasemabandleni ezenkolo ngokwehlukana kwawo.
“Sikhalisana kakhulu nebandla lakhe
laseSheshi lapho abhabhadiselwa khona, kanjalo naseSilweni uMisizulu kaZwelithini ngokuphuka kodondolo lwaso, naseqenjini alibumbayo, Inkatha Freedom Party. Siyi-KZNCC, sithi uNkulunkulu uphile, uNkulunkulu uthathile,’’ esho.
UmBhishobhi Malusi Mpumlwana weSouth African Council of Churches, uthe bafe olwembisa bengabenkolo yobuKristu, ngoba uMntwana ubekwazi ukuhlobanisa le nkolo namasiko.
Uthe bazohlale bewakhumbula amagalelo akhe ekufundiseni isizwe ngenkolo yobuKristu futhi abeyiphila, eyihlonipha.