Kuvuleke umnkenke emaphoyiseni ngokunyuswa kwemihlomulo

327

THANDOLUHLE NGUBO

IQUBULE ikloba lomlilo wezikhalo eyokunyuswa  kwemihlomulo yokuphepha kwamaphoyisa lweNational Intervention Unit (NIU) naweSpecial Task Force (STF), okumanje iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru), ithi inemihlangano nezikhulu zamaphoyisa ukuzama ukubhula lo mlilo. Le mihlomulo inyuswe isuka ku-R4000 iya ku-R21 000. Isinqumo sokwenyuswa kayo simenyezelwe ngeledlule nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele (osesithombeni). 

UMnu Richard Mamabolo ongumkhulumeli wePopcru, uthi lesi senzo kasehlanga kahle kule nyunyana ngoba kayilandelwanga imigudu efanele ngesikhathi kuthathwa isinqumo. “Nakuba besiyingxenye yabebehamba phambili emikhankasweni yokwenyuswa kwemihlomulo yamathimba akhethekile emaphoyiseni, kodwa besingasho ukuthi makwenzeke ngale ndlela. Isinqumo sithathwe singendlalwanga phambi kwethu nezinye izinhlaka ezifanele. Bekuzothi uma sidlula kithi, siphasiswe futhi siqinisekiswe nayiSafety and Security Sectorial Bargaining Council (SSSBC),” echaza.

Uthe iPopcru ikholwa wukuthi ubuholi bamaphoyisa kumele benyuse imihlomulo yawo wonke amaphoyisa ngoba kalikho elisengozini kangcono kunelinye. 

Umthombo weLANGA Lempelasonto uthi amaphoyisa avutha engabaselwe ngesenzo sobuholi bamaphoyisa. “Kabugcinanga ngokuwakhuphulela imali aweNIU, buwagixabeze nangamarenki amasha. 

ILANGA Lempelasonto lixhumane neSouth African Police and Allied Workers’ Union (Sapawu), okungenye yezinyunyana imithombo ethi izibikelile ngalolu daba. UNobhala-jikelele weSapawu, uMnu Bonga Makuliwe, ukuqinisekisile ukuthi bazitholile izikhalo, babhalela ihhovisi likangqongqoshe becela ukuba licubu-ngulisise lesi senzo ngoba sidala uqhekeko emaphoyiseni. Uthe akusikhona okokuqala kwenzeka isigameko esinjena, senzeka nango-2019 ngesikhathi aweNIU naweSTF akhushulelwa amarenki. 

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrig Athlenda Mathe, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ango-constable anyuselwe esigabeni sokuba ngo-warrant officer, wakuchitha ukuthi imihlomulo ekhushuliwe ngeyokuphepha. Uthe ngeyamakhono angandile emaphoyiseni afika namalungu eNIU neSTF. 

Previous articleSekukhishwe incwadi yokuboshwa “kombulali” ongasalubhadi enkantolo
Next articleSezihubela sakusha ngethuba lokutomula ebhodweni lemali yempesheni