kuwe insika kowe-jazz

884

INTATHELI YELANGA
UYAQHUBEKA nokuzisikela kwelinoni-le usomqhele (Coronavirus) e-Afrika njengoba ngoLwesibili udlule nomphefumulo wesibili kushona umdlali wecilongo, uManu Dibango (86) waseCameroon, ongomunye wosaziwayo emculweni
we-jazz.
UDibango ulandela uZororo Makamba (30) obeyintatheli kamabonakude yena odlule emhlabeni ngoMgqibelo esibhedlela saseZimbabwe. UMakamba leli gciwane walithola eNew York, e-USA, kanti ushona nje, ubegonqile eWilkins Hospital, eHarare.
Ngokwemibiko yabezindaba, uDibango owaziwa ngabathandi be-jazz emhlabeni ngenoni lakhe lango-1972 elithi “Soul Makossa,” ungusaziwayo wokuqala kwezomculo
ukudlula emhlabeni ngenxa kasomqhele.
Lo mdlali we-saxophone, ungomunye wamavulandlela e-Afro jazz, obethaka umculo womdabu waseCameroon nomculo obizwa nge-funk.
Ngo-1994 wasebenzisana nezinye izingwazi zase-Afrika okubalwa kuzona uYoussou NDour waseSenegal, u-Angelique Kidjo waseBenin, uSalif Keita waseMali, uPapa Wemba waseCongo Brazzaville
noKing Sunny Ade waseNigeria kwi-albhamu yakhe ethi “Wakafrika”.
Unyakazise indima yezomculo ngo-2009 emangalela uMichael Jackson, emsola ngokweba umnkenenezo othile kwiSoul Makossa, awufaka ezingomeni zakhe ezimbili ezikwi-albhamu yakhe eyaduma umhlaba wonke ethi “Thriller”. UMichael waqoma ukuba lolu daba baluxoxe balulungise ngaphandle
kwenkantolo.

Previous articleI-Corona ibhuntshise izinhlelo zokusatshalaliswa kwe-album
Next articleowe-da usinde bezama ukumduna