LUCKY CAIN
KUXABENE ubendle eqenjini eliphikisayo eNingizimu Afrika, iDA, emuva kokuba izolo ngo-Lwesithathu uMnu Mmusi Maimane, obengumholi walo, noMnu Athol Trollip obengusihlalo, besulile ezikhundleni zabo.
Ngemuva kokuqagela ngekusasa likaMnu Maimane emuva kokubuya kukaNkk Helen Zille esikhundleni esimqoka kuleli qembu – sokuba ngusihlalo wesigungu esiphezulu, iFederal Council – lo mholi ugcine ehoxile esikhundleni sakhe sokuba ngumholi.
UMnu Maimane ubalule izingqinamba ezahlukene ahlanga-bezane nazo eqenjini nokubalu-leka kokuphepha komndeni wakhe ngesikhathi ememezela ukwesula. Uthe nakuba esula kwesokuhola iDA, kodwa uzoqhubeka nokuhola leli qembu ePhalamende kuze kube liya-nquma ngasekupheleni konyaka ngalesi sikhundla.
Uthe nakuba enze konke oku-semandleni ukuhola iDA nge-ndlela, kodwa kuneqeqebana ngaphakathi abengaboni ngaso linye nalo.
Uqhube wathi bekunomkhankaso obuqhutshwa ngamaphephandaba esiBhunu ogcine ubeka impilo yakhe neyomndeni wakhe engcupheni.
Ukusula kwakhe kulandelwe wukusula kukaMnu Trollip naye othe usazoqhubeka nokweseka leli qembu engasekho ezinhlakeni zobuholi.
Ukwesula kwalaba baholi kwelama okukaMnu Herman Mashaba, obeyimeya yaseGoli, naye osulile.
Ngesikhathi esula uMnu Mashaba, uMnu Maimane umchaze njengeqhawe lakhe futhi okunguyena owamnxenxa ukuba ajoyine leli qembu.
Kuzokhumbuleka ukuthi besekunesikhathi uMnu Maima-ne ehleli lubhojozi kuleli qembu, kusukela ngemuva kokhetho lukazwelonke ngoNhlaba (May) nonyaka.
Ngokwemibiko kuvela ukuthi kunabaholi ngaphakathi kuleli qembu abebengagculisekile ngendlela leli qembu elenze ngayo njengoba bebesola uMnu Maimane njengembangela yokungenzi kahle kwalo okhethweni.
UMnu Maimane uphinde waba nyamanambana ngodaba oluthinta imoto eyabe inikelwe kwiDA ngabakwa-Steinhoff nomuzi abehlala kuwona eCape Town.
UNkk Zille uthe leli qembu libhekene nesi-khathi esinzima ngokushiywa yilaba baholi.
Uvumile ukuthi zibe khona izikhathi lapho bebengaboni ngaso linye noMnu Maimane, kodwa konke bekwenzeka ngendlela enenhlonipho futhi evumelekile njengoba beyiqembu elisebenza ngentando yeni-ngi. Uthe ngokwemigomo yeqembu uma kushiya umholi, kumele izi-ntambo zithathwe ngusihlalo.
Uthe njengoba kushiye noMnu Trollip, bazofuna ukwelulekwa ngokomthetho ngokumele kwenzeke ukuya phambili mayelana nokuholwa kwaleli qembu.
UMnu Maimane noMnu Trollip bashenxa nje, bebeqokwe kulezi zikhundla ngo-2015.
lucky.cain@ilanga-news.co.za
Bheka ekhasini 22