‘Kuxabene ubendle oKhozini FM’

2476

Kuthiwa abanye abasakazi bayagoloza ukusayina izinkontileka ezihambisana nezinguquko

MTHOBISI SITHOLE noSANDILE MAKHOBA

IBAMBENE ngezihluthu kukhozi FM, ILANGA elithole ukuthi kunabasakazi abangavumi ukusayina izinkontileka zokushintshwa kwabo ezinhlelweni.

Kwenzeka lokhu nje, kumele kumenyezelwe izinguquko zabasakazi nezinhlelo zabo uma kuqala uMbasa (April) njengoba kuphela unyaka womsakazo. 

Abanye abasakazi sebevalelisile ngisho ezinhlelweni zabo, batshela abalaleli ukuthi sebelindele izinguquko ezintsha. 

Ngokuthola kweLANGA, kuhlukenwe phakathi kulo msakazo; kuvela ukuthi kunengxenye yabasakazi ehamba nomphathi wezinhlelo, uNkz Zandile Tembe, kanti enye ihamba nomphathi wesiteshi, uNkz Sbongi Ngcobo, bobabili abebesembangweni wokuphatha isiteshi. Kugcine kunqoba uNkz Ngcobo, waqashwa ngokugcwele njenge-business manager

Umthombo weLANGA uthi okususe umsindo wukuthi ngesikhathi kushintshwa izinhlelo, umphathi wazo uNkz Tembe uwenzile umsebenzi wakhe kodwa uNkz Ngcobo wakushaya indiva lokho, wazenza ngendlela yakhe wazithumela eGoli. 

Uthi lokho kuholele ekutheni omunye umsakazi alubike ezikhulwini eGoli lolu daba, ezwakalisa ukunganeliseki ngokushintshwa kwakhe ohlelweni. Kuthiwa izikhulu zigcine ngokufika mathupha eThekwini, kwaxoxwa, abanye abasakazi bethi indlela okuphethwe ngayo kayigculisi. 

“Kungenzeka kuqalwe phansi ukuhlelwa kwezinhlelo ngoba abanye abasakazi kabafuni ukusayina izinkontileka,” kusho umthombo. 

Emhlanganweni nezikhulu obukwelinye lamahhotela eThekwini, kuthiwa bekukhona uKhathide “Tshathugodo” Ngobe, uNongcebo McKenzie noSipho Sgqemeza” Mbatha. Ngokuthola kweLanga, uSgqemeza no-Nongcebo ngabanye babasakazi okuthiwa ikhulunyelwa phansi indaba yabo yokutabalasa ukususwa ezinhlelweni zabo, osekwenze nabanye abasakazi bakweseka lokhu.

“Kukhona abangazi ukuthi kumele benzenjani. Abanye bekumele beyosayina, uZandile wavele wahlaba ikhefu isigubhukane emsebenzini, nalo elisolisayo. Kusalindwe umhlangano wesibili ozobhekisisa le ngxabano eyenzeka emsakazweni,” kusho umthombo. 

Embikweni weLANGA oshicilelweni lomhla ka-8-10 kwephezulu, kwavela ukuthi abasakazi bazoncishiselwa amaholo ngenxa yokuthi iSABC ishayekile kwezemali futhi akekho umsakazi ozongena izinsuku ezingaphezu kweziwu-5. 

Ezinguqukweni ezikhona, uNongcebo kuthiwa uzongena ebusuku ohlelweni obelwenziwa ngu-Sgqemeza, uBheka “Beekay” Mchunu uzongena ngoMsombuluko ngo-12 emini kuya kuLwesihlanu, uMroza Buthelezi uzothatha uhlelo lukaDudu “Lady D” Khoza uJabul’ Ujule kusukela ngo-09h00 kuya ku-12h00.

 uSiya Mhlongo noSelby Mkhize bazongena ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-15h00-18h00, uTshatha uzongena ebusuku phakathi nezinsuku nango-Mgqibelo kwiTop 20, uZimiphi “Zimdollar” Biyela uzokwenza uSigiyangengoma, aphinde angene phakathi nezinsuku ebusuku.

Okhulumela iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), uNkz Mmoni Sepealelo, uthe izinguquko zemisakazo yeSABC zizomenyezelwa ngokusemthethweni uma seziphothuliwe.

www.ilanganews.co.za

Previous articleKuqubuke imvunge kubantu ngomfundisi we”Savanna”
Next articleWINA NOKIA