BHEKI NDLOVANA
KUXWAYISWA abemukela imali yesibonelelo sikahulumeni esikhishwa yi-South African Social Security Agency (Sassa), abayithola ezitolo, ukuba bangavumeli ukuphoqwa ukuthenga ngaphambi kokukhipha le mali.
UDkt Bongani Diako okhulumela iPostbank, okuyiyona eyengamele uhlelo lwezibonelelo zakwaSassa, uthe abezitolo okutholakala kuzo le mali, kabanalo igunya lokuphoqa abantu ukuba bathenge kuqala ngaphambi kokuyithola.
I-Postbank ithi abantu banelungelo lokuthola imali yabo yesibonelelo iphelele, bayisebenzise ngokwezidingo zabo ezifanele. Ithi akunazindleko (charges) okumele zikhokhiswe osuke ekhipha imali yesibonelelo esitolo, kumahhala.
Ibike nokuthi amakhadi okuhola akwaSassa anombala osagolide, abezophelelwa yisikhathi ngoZibandlela (December), kodwa asezoqhubeka asebenze kuze kudlule uZibandlela nezinyanga ezizayo.
Yeluleke abantu ukuba banganaki ulwazi oludukisayo olubayengela ekutheni bashintshe la makhadi akwaSassa abawasebenzisayo, yathi yiyona egunyazwe ukuba iwashintshe.