Kuxwayiswa umphakathi ngabathengisela izingane amakhekhe anensangu

158

LUCKY CAINĀ 

UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, unxusa umphakathi nezigungu ezilawula izikole ukuba baqaphele abantu abathengisela izingane ukudla ezikoleni nasezitolo ezingomakhelwane bazo. 

Ukusho lokhu emuva kokwanda kwezigameko zokudayiswa kwamakhekhe anensangu (space muffin) ezindaweni ezahlukene kulesi sifundazwe njengoba kuvela ukuthi athengiselwa izingane.

 Ukukhala ngokwanda kwalesi sihlava kuzwakale ngesikhathi kunomhlangano wongqongqoshe lapho undunankulu wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ezwakalise ukukhathazeka ngalezi zigameko. 

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Mhlaba Memela, uthe kuyabakhathaza bewumnyango ukwanda kwalezi zigameko. Uthe bahlale beshumayela ivangeli ezinganeni lokuziqhelelanisa nezidakamizwa. 

ā€œSiyanxusa ukuba umphakathi ubambisane nathi namaphoyisa ukuzama ukulwa nale nkinga esiqala ukubhoka,ā€ kusho uMemela.

Uthe bewumnyango baqhuba umkhankaso abawubiza ngeYOLO Project, bahambela izikole ezahlukene, kuxwayiswa ngobu-ngozi bezidakamizwa. 

Uthe sebekuqaphelile ukuthi izingane zesikole kwesinye isikhathi ziyasetshenziswa ukuthutha nokudayisa izidakamizwa njengoba ngokubambisana namaphoyisa, benohlelo lokugasela ezikoleni kungazelele muntu ngenhloso yokupequlula izikhali nezidakamizwa. 

* Khona manjalo, ziyaqhubeka nokwanda izigameko zokuthengiswa kwala makhekhe njengoba emasontweni amabili adlule, izingane ezibalelwa ku-90 ezifunda amabanga aphakathi kukaGrade R no-7 ePulamadibogo Primary School, eSoshanguve, eTshwane, ziphuthunyiswe emtholampilo zikhala ngesiyezi nokuluma kwesisu ziphalaza. 

Kulesi sigameko kusolwa wona la makhekhe njengoba kuvela ukuthi izingane zawathenga kumuntu owayethengisa 

emgwaqweni. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleInkantolo ivune amakhansela kolokuxoshwa eMvoti
Next articleUngqongqoshe uvinjwe yinkantolo kolwase-Unisa